IZWAKALISE ukushaqeka iMeya yaseMvoti uMnuz GZ Malembe ngesenzo sebhungu elibulale ngesihluku ugogo walo.
Ngokubika kukaMasipala waseMvoti lokhu kwenzeke ngosuku olwandulela uNcibijane, umzukulu ehlasele ugogo wakhe wamgwaza amanxeba amaningi wamnquma.
Lo mzukulu omeninyaka ebalelwa kwengu-20 akagcinanga lapho, uqhubeke wabasa umlilo egcekeni lapho ashise khona amathambo kagogo wakhe.
“Ngesikhathi amalungu omndeni nomakhelwane bembuza ukuthi ubeshisani, kuthiwa ubatshele ukuthi ‘uthosa ingulube’,” kubika uMasipala waseMvoti ngesitatimende.
Kutholakale ngokuhamba kwesikhathi ukuthi empeleni ubeshisa izinsalela zikaninakhulu.
UMalembe unxuse amaphoyisa aseKranskop ukuba alusebenze ngokushesha loludaba ukuze umndeni kamufi uzothola ubulungiswa.