Kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto eMofolo Central, eSoweto, kubulawa abathathu ngoMsombuluko ekuseni ngo-6.
uMnuz Miya okhulumela uWata okungomunye usoseshini wamatekisi osenzisa kule ndawo udalule umbango wakudala womzila neNanduwe. Le mpi ingeyeminyaka kwazise kubanga umzila okuthiwa waphucwa iWata wanikezwa iNanduwe kodwa abeWata bathi abakaze bacaciselwe ukuthi baphucwa lo mzila nje kwenzenjani. Kulokhu kudutshulwe amadoda amathathu aqapha umsebenzi weWata eMofolo.
Amaphoyisa kuMasipala waseGoli uaxwayise abashayeli bezimoto kanye nezakhamuzi ukuthi ziqaphele njengoba isehlo senzeke emgwaqweni uMahalefele noNape Avenue, eMofolo Central, eSoweto.
Izikhulu zomthetho kanye nabezimo eziphuthumayo basendaweni yesigameko izimoto zijikiswa ku- Machaba Drive Nakayama Street. Okhulumela amaphoyisa eGoli uthi akukaboshwa muntu okwamanje kodwa amaphoyisa ayaphenya.