KUKHULU ukuqagela ngekusasa lobekhulumela i-EFF, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, oshiye ekubeni yilungu lePhalamende elimele le nhlangano.
Umthombo obuphambili emkhankasweni wokuba uNdlozi aqokelwe kwesephini lomholi we-EFF, uthe akusensuku zatshwala uNdlozi ashiye kule nhlangano.
Umthombo uthe maningi amathuba okuthi uNdlozi uzojoyina inhlangano elwela amalungelo abantu.
Izindaba zokushiya kukaNdlozi ePhalamende zimenyezelwe izolo yi-EFF.
UNdlozi usule kanye nelinye ilungu lePhalamende, uMnuz Yazini Tetyana.
Okhulumela i-EFF, uNksz Leigh Ann-Mathys, uthe uNdlozi benoTetyana babhalele uNobhala Jikelele weqembu, uMnuz Marshall Dlamini, becela ukushiya njengamalungu ePhalamende.
“Iqembu lizamukele izicelo zabo zokuba sibakhulule ezikhundleni abebejutshwe kuzo. Ezincwadini zabo babonge iqembu ngokubanikeza ithuba lokuthi balimele. Basebenze ngokuzikhandla ngesikhathi bejutshwe ezikhundleni. Sibafisela inhlanhla.”
Ukwesula kukaNdlozi akuzange kumangaze ngoba wayizwa ngendaba ingqungquthela yokukhetha ubuholi beqembu ebingenyanga edlule.
Kunemibiko yokuthi uNdlozi wayeyalelwe ukuba angalubhadi kule ngqungquthela, akazange aqokwe ngesikhathi sekukhethwa amalungu esigungu esiphezulu.
Ngaphambi kwengqungquthela kwakukade kunamalungu e-EFF ayeqhuba umkhankaso wokuthi uNdlozi aqokelwe kwesephini lomholi wenhlangano kepha lowo mkhankaso wabuye waphelela emoyeni ngemva kokuvela kwamahlebezi okuthi uNdlozi umisiwe eqenjini.
UNdlozi uqale ukuba nyamanambana eqenjini ngemva kokuhlubuka kowayeyiphini lomholi kwi-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, osenguNobhala Jikelele we-MK.
Kunezinsolo zokuthi uNdlozi ungomunye walabo abazi kuqala ukuthi uShivambu uyashiya kwi-EFF, kuthiwa iphutha lakhe kwaba ukungamtsheli umholi weqembu uMnuz Julius Malema, ngale ndaba.
UMalema usekusho kaningi ukuthi ngeke aphinde abathembe abangazange bamazise ngezinhloso zikaShivambu zokulaxaza iqembu.
Umthombo owawuyingxenye yomkhankaso wokuthi uNdlozi angene esikhundleni esashiwa nguShivambu, uthe uNdlozi uzoshiya noma nini.
“Akakaphumeli obala ngokuthi uzoya kuphi kodwa kukhona ukukhuluma okuthi angase aye enhlanganweni elwela amalungelo abantu. Ayisekho into asayihlalele kwi-EFF.”
UNdlozi waqala ukuba yilungu lePhalamende ngo-2014.
Umthombo uthe i-EFF ilahlekelwe kakhulu.
“Ubenza umsebenzi omuhle ePhalamende naseqenjini. Ubethandwa kakhulu ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ngesikhathi ejutshwe KwaZulu-Natal, i-EFF yakhombisa ukukhula.”