OWAYENGUPHROJUSA kaBrenda Fassie, uChicco Twala, usephumele obala wachitha izinsolo zokuthi owayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, wadutshulwa wabulawa ngesibhamu sakhe.
NgoLwesithathu uTwala ukhulume nabasakazi beMetro FM uMo Flava noMasechaba ohlelweni lwabo waqinisekisa ukuthi amaphoyisa asithatha isibhamu sakhe asihlola athola ukuthi akusona esasetshenziswa kudutshulwa uMeyiwa kubo kaKelly Khumalo eVosloorus, eGoli, ngo-2014.
UChicco uphawula nje kulandela ingcindezi ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi ikhasi elisebenzisa igama loqweqwe lommeli, u-Adv Barry Roux (@AdvBarryRoux) libika 'ngokwenzeka' ngesikhathi kubulawa uSenzo Meyiwa.
Leli khasi elingaqinisekisiwe ukuthi liphethwe ubani lisola oyedwa wababesendlini ngokuthi nguye owadubula wabulala uMeyiwa nokuthi lolu daba luyanyathelwa ngoba luthinta indodana kaChicco Twala nesibhamu sakhe 'esaduka' ngosuku lwesigameko.
"Isibhamu sihlezi sinami. Ngasithola ngo 1989 asikaze siduke sihlezi sinami, angazi yonke lento ivela kuphi," kuchaza yena.
UChicco uthe ngalolo suku wathintwa uKelly emazisa ukuthi sekudutshulwe kwabulawa uSenzo.
"Ngaphuthuma ngaya kubo eVosloorus ngafica uKelly, uLongwe (indodana yakhe) nomunye umngani kaSenzo akhula naye. Ngabafica lapho uSenzo eselele phansi. Ngababuza ukuthi kwenzekeni bathi kungene abesilisa ababili befuna ukubabamba inkunzi, badubula uSenzo. Ngatshelwa lokho mina"
Uqhube wathi akafuni ukukhuluma ngoLongwe ngoba mdala futhi engazikhulumela uma abasakazi befuna ukukhuluma naye.
"Ngemuva kwalokho ngathinta uDkt Irvin Khoza nabanye abantu abaningi ngabazisa ukuthi uSenzo usedutshuliwe. Ukube uLongwe owabulala uSenzo, ngyakuthembisa Masechaba ngangizoba umuntu wokuqala ukwenza okuthize ngakho, anginandaba nokuthi uyindodana yami. Uma wabulala uSenzo ngangizoqinisekisa ukuthi uya ejele," usho kanje.
UChicco uqhube waveza ukuthi uma kungathiwa uLongwe owadubula wabulala uSenzo, mhlawumbe wakwenza ngesibhamu somunye umuntu, hhayi esakhe ngoba wayengekho yena futhi nesibhamu sakhe sasingekho endaweni yesigameko.
Ephawula kulolu daba ngesikhathi ethintwa yiSolezwe uyise kaMeyiwa waveza ukuthi ujabule ngokubikwa ezinkundleni zokuxhumana wathi okumphoxayo nokho ukuthi amaphoyisa awakamazisi lutho ngokuthi akusiphi isigaba kuleli cala.
Izolo ongungqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula uthe benza konke okusemandleni ukuthola ababulali baSenzo Meyiwa.