UKHALE ngotshwala usohlalakahle egwetshwa odilikajele abayisithupha ngecala lokubulala amalungu omndeni wakhe awu-6.
Esehlakalweni esenzeka ngoFebhuwari 2021, eNkanini, eShowe, uMnuz Sthembile Nkosinathi Mthimkhulu (39) wavulela ngenhlamvu wabulala uNkk Octavia Khumalo (65), Mnuz Christopher Khumalo (77), Nksz Mbali Khumalo (37), Thabo Khumalo (10), Nothile Sphelele Khumalo (17) no-Elihle Sigampu (8).
Izolo iJaji uKate Pillay limgwebe odilikajele abangu-6 uMthimkhulu lakhala ngonya alukhombisa ngosuku lwesehlo njengoba kuthiwa bonke ababulala wayebadubula ekhanda.
Ngaphambi kokuba likhiphe isigwebo, ummeli kaMthimkhulu, u-Advocate Siseko Madikizela utshele inkantolo ukuthi uMthimkhulu uthi akwenza kungenxa yokuthi wayephuze kakhulu utshwala ngelanga lesehlo.
Ijaji likuchithile lokho libuza ukuthi kungani lokho uMthimkhulu ezokuveza manje ekubeni wahluleka ukukuveza kusona sonke lesi sikhathi icala liqhubeka enkantolo.
Ijaji lithe azikho izizathu eziphathekayo ezingaholela ekutheni lehlise isigwebo elingasinikeza uMthimkhulu.
"Isigwebo sikadilikajele yisona esimfanele umuntu onesihluku njengawe,'' lisho kanje.
Liqhubeka ijaji lithe akulungile ukuthi uMthimkhulu acashe ngotshwala ekubeni engusonhlakakahle.
"Umsebenzi owenzayo ubungakwenza ucabange kangcono kakhulu kunalokho owakwenza. Umsebenzi wakho uwodwa nje wawungadala ukuthi ungabulali muntu,'' lisho kanjena.
Kuleli cala inkantolo isebenzise kakhulu ubufakazi bengane (9) eyasinda njengoba yacasha ngemuva kwekhethini.
Ingane yachazela inkantolo konke eyakubona ngosuku lwesehlo nenkantolo yagculiseka ukuthi ubufakazi bayo ingabusebenzisa ukumlahla ngecala ummangalelwa.
Ingane yatshela inkantolo ukuthi yambona uMthimkhulu ngoba wayengazifihlile ebusweni.
Yaveza nokuthi yamuzwa uMthimkhulu ebuza abomndeni ngaphambi kokuthi ababulale ukuthi bamthakathelani futhi bambulalelani uyise?
UMshushisi uMbongeni Chamane ngaphambi kokuba kuphume isigwebo ubekade enze izethulo zakhe zokugcina enxenxa inkantolo ukuba imgixabeze ngesigwebo sikadilikajele uMthimkhulu.
Ukhale ngobuhlungu athe budalwe uMthimkhulu enganeni eyabona konke ngosuku lwesehlo.
"Indlela umntwana ahlukumezeka ngayo ngosuku lwesehlo yinto ongeke uyifisele omunye umuntu. Isigwebo sikadilikajele yisona esimfanele umuntu onesibindi sokwenza into enjena,'' kuchaza yena.
UMthimkhulu kuvela ukuthi wabulala abagilwa ngoba ebasola ngokuthi bayathakatha futhi yibona ababa nesandla ekubulaweni kukayise, uMnuz Bheki Mthimkhulu owabulawa ngo-2019.
Kuvela ukuthi uMthimkhulu (Bheki) wahlangana nabantu ephuma e-tavern abamshaya bambulala, ngakusasa isidumbu sakhe satholakala eceleni komuzi wakwaKhumalo.
Kusolakala ukuthi ukutholakala kwesidumbu sikaMthimkhulu eduze komuzi wakwaKhumalo yikhona okwenza ummangalelwa wacabanga ukuthi banesandla ekufeni kwakhe.
Kuvela ukuthi ummangalelwa phambilini wake wakuveza emndenini wakhe ukuthi uyabasola ngokufa kukayise kodwa loyo mlilo wabuye wabhulwa ngemuva kwezingxoxo ezaba khona ngaphakathi emndenini.
Enkantolo bekukhona amadoda amabili abehlezi ekhoneni uMthimkhulu abonakele ewabingelela. Ngemuva kokugwetshwa izintatheli zizamile ukukhuluma nalawo madoda abebonakala ecwebe izinyembezi anqaba.
"Akukho esizokusho asithandi ukukhuluma. Thina singabafowabo bakaSthe,'' basho kanje bebonakala nasebusweni ukuthi bakhungathekile.
Ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo uMthimkhulu obefake izingubo ezimnyama ubebheke phansi engafuni ukuvusa ikhanda.