“UBENGAZE amqobe pho?”
Lona umbuzo ophume emlonyeni kanina wowesifazane waseMangamazini Reserve, eFolweni, uNkk Thembisile Mkhize, zehla mi izinyembezi ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu.
Bekuvela uMnuz Mduduzi Masuku (32) obeyisoka likaNksz Bongekile Mkhize (32) ngecala lokugenca ambulale emzini wakhe (umufi) eMangamazini ngoJanuwari 5.
Bekulindeleke ukuthi uMasuku aqale ukucela ibheyili nokugcine kungasenzeki.
UMbuso uveze ukuthi amaphoyisa asadinga ukunikwa isikhathi esithe xaxa, ukuze aqinisekise ikheli umsolwa athe angaphuma ayohlala kulo uma kwenzeka ededelwa ngebheyili.
UMbuso uphinde waveza nokuthi uma esecela ibheyili, uzokuphikisa lokho.
Ngaphakathi enkantolo bekukhona umndeni kaNksz Mkhize, obuzozibonela umsolwa emva kokubulala ngesihluku ilungu lawo.
Izinyembezi kunina kaNksz Mkhize, zehle engaphakathi enkantolo ngesikhathi ebona umsolwa ebhokisini labamangalelwa.
Isikhafu esimnyama abesembethe, siphenduke iduku lokusula izinyembezi ngenxa yobuhlungu abebuzwa ebona owesilisa osolwa ngokubaphuca othandiweyo wabo ngesihluku.
Amehlo abebomvu nakwamanye amalungu omndeni, kubonakala ukuthi nakuba eziqinisa kodwa izinyembezi zigcwele amehlo. Abanye babo, kube ukuphuma nje ngaphandle kwenkantolo, basikhihla isililo.
Umfowabo kamufi omncane, uMnuz Siyabonga Mkhize, ekhuluma neSolezwe ngaphandle kwenkantolo uthe okubazwisa ubuhlungu kakhulu indlela ambulale ngayo.
“Waqhubeka wamgenca ngisho eseshonile,” kusho uMkhize.
Uqhube wathi okunye okubazwisa ubuhlungu ukuthi umsolwa wayengenza okungcono kunokuthi ambulale, ngisho noma ngabe babebhekene nanoma iyiphi inkinga.
“Uyasazi, uyabazi nabazali bethu. Wayengezi ngani kithina azobika ukuthi banenkinga noMabongi kunokuthi akhethe ukumbulala?” kubuza uMkhize.
Ngokuthola kweSolezwe ngesikhathi kusanda kwenzeka isigameko, umsolwa wayekade efuna ukukhuluma okuthile nomufi ngenkani ngezikhathi zasemini ngosuku lwesigameko.
Kwavela ukuthi umufi wamtshela ukuthi unendlela, abakhulume kahle uma ebuya.
Kuthiwa ngezikhathi zasemini wamthumela umyalezo omsabisa ngokumbulala, angawunakanga, ezitshela ukuthi uyadlala.
Isolezwe lathola ukuthi wabe esemcuthela kwakhe (umufi), kwathi uma ehla emotweni ayehamba ngayo ebuya endaweni yobumnandi, wamgenca.
Kwavela ukuthi wadinwa ukuthi wabuya kuleyo ndawo ehamba nesoka lesibili, kodwa umndeni wakuchitha lokhu uthi empeleni wayehamba nabangani.
Kwavela nezinsolo zokuthi umsolwa wathukwa isoka likamufi lesibili, ngokuthi unomphambili omncane, nokho umndeni wathi nalokhu awunalwazi lwakho.
Imantshi ilihlehlisele uJanuwari 22 icala, lapho umsolwa ezoqala khona ukucela ibheyili, emva kokuthi amaphoyisa esenikwe ithuba lokuyoqinisekisa ikheli lakhe.