UMHOLI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ufuna ukuba leli qembu elihlanganisa iminyaka engu-50 lisabalale kuyo yonke iNingizimu Afrika.
UHlabisa unxuse amalungu eqembu ukuba alwele ukuthi iqembu lisabalale kuzo zonke izingxenye zezwe. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokugubha iminyaka engu-50 kwasungulwa i-IFP.
Umcimbi ubusenkundleni iPrince Mangosuthu Stadium, oLundi.
I-IFP ijwayele ukwenza kahle esifundazweni iKwaZulu-Natal lapho iphethe khona ngokubambisana uhulumeni kanye nenqwaba yomasipala.
I-IFP iphinde ibe namalungu esiShayamthetho namakhansela eGauteng, kodwa kuvalwe ngehlahla kwezinye izifundazwe eziyisikhombisa.
UHlabisa uthe: "Njengoba siphikelele eminyakeni engu-100, asikhulume nabo bonke abantu. Asikhulume nabantu abasezinkundleni zokuxhumana kanye nalabo abangekho ezinkundleni zokuxhumana. Asikhulise i-IFP kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye."
UHlabisa uthe i-IFP ibambe iqhaza elikhulu kule minyaka engu-50 eyedlule, wabonga imisebenzi eyenziwa umsunguli weqembu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
UHlabisa uthe i-IFP yaqala ukusebenzela abantu bakuleli ngesikhathi kuliwa nohulumeni wobandlululo.
UHlabisa uthe i-IFP yaqhubeka nokulwela abantu bakuleli nangaphansi kukahulumeni wentando yabantu.
UHlabisa uthe ngesikhathi i-IFP iyingxenye kahulumeni wokubambisana wokuqala yalwela ukuthi abantu abahaqwe igciwane ingculaza bathole imishanguzo.
Uthe namanje njengoba sebeyingxenye kahulumeni wokubambisana bayaqhubeka nokulwela abantu bakuleli.
UHlabisa uthe njengamanje i-IFP ilwela ukuba ibhange Ithala lingavalwa.
UHlabisa uchaze ukuthi kungani besekela isabelomali esinesiphakamiso sokuba kunyuswe intela eyengezwa ezintweni ezithengwayo, iValue Added Tax( VAT), ngo-0.5%.
Uthe isabelomali esisazoxoxwa ePhalamende siphakamisa ukuba i-VAT ingafakwa ekudleni okuningi okuthengwa kakhulu abantu abahlwempu.
"Siyajabula njenge-IFP ukuthi esabelwenimali esisazodingidwa ePhalamende, kuningi ukudla okwehliswe iVAT kukho. Lokhu kuhambisana nalokhu esakusho kokuthi akwandiswe ukudla okungafakwa iVAT kukho ngoba iVAT icindezela abantu bakithi abagcina bethenga ukudla ngemali eningi. Nizobona uma ningena ezitolo ukuthi kuningi ukudla okungenayo i-VAT njengoba iVAT izonyukela ku-15.5%."
UHlabisa uthe bayaphikisana nokuthi izwe liqhubeke nokutsheleka imali.
UHlabisa uthe bayaqhubeka nokulwela ukuthi ibhange Ithala lingavalwa.
"Ezingeni likazwelonke siyaxoxisana noMengameli nongqongqoshe wezeZimali ukuba kusheshiswe ilayisensi yeThala njengoba kuvaleleke imali yenu. Siyayeseka imizamo yasenkantolo kodwa lokhu siyakuqonda ukuthi kungathatha isikhathi ukuba kuphothulwe amacala. Ingakho sifuna ukuthi udaba lweThala luphuthunyiswe. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi bathathelwa izinyathelo abayimbangela yokuvalwa kweThala.
"Sizokhuluma nomphathi weBhange loMbuso (uMnuz Lesetja Kganyago), sicele ukuthi udaba lokuvulwa kweThala kube udaba oluphuthumayo. Ithala libalulekile kakhulu. Sizwelana nabantu okuvaleleke imali yabo eThala. Sizwelana nezaguga ezithembele kwiThala okwathathwa imininingwane yazo ngaphandle kwemvume, yanikezwa elinye ibhange."
Amalungu e-IFP abephume ngezinkani emcimbini wayizolo.
Inkundla ibigcwele phama amalungu enhlangano aqungele ilanga ebelikhipha umkhovu etsheni. Nasedolobheni uLundi bukugcwele kunyinyitheka.
Umcimbi ubuhanjelwe nangabaholi be-DA KwaZulu-Natal, kanye nezicukuthwane ezivela emazweni angaphandle okubalwa ezivela eGermany, Taiwan naseChina.