UZAKWABO ka-Oupa ‘DJ Sumbody’ Sefoka, kwezamabhizinisi, uTshepi Ranamane uthi kubi ukuthi sekukhona abantu abayamanisa umufi nezidakamizwa nobugebengu, ngenxa yendlela abulawe ngayo. URanamane ubethula inkulumo enkonzweni yomngcwabo kaDJ Sumbody eGa Masemola, eLimpopo izolo.
U-DJ Sumbody udutshulwe wafa enomqaphi wakhe eWoodmead ngeSonto eledlule. Ukubulawa kwakhe kwethuse abaningi, baba nemibuzo ngokuthi ngabe ubulaweleni ngesihluku kanje.
Imoto kamufi isale inezimbobo zenhlamvu, kubonakala ukuthi ithelwe ngoyaba lwezinhlamvu. U-DJ Sumbody, ngaphandle komculo ubebuye abe wusomabhizinisi enezindawo zobumnandi, i-Ayepyep neTop Notch. URanamane uthe uDJ Sumbody ubewumuntu oqondile.
“Sikhona isigameko sokudubula esenzeka phambilini ngaphandle kwendawo yakhe futhi samethusa kakhulu, ubesehlala esendlini. Abantu bathi ubeshushumbisa izidakamizwa. Bakwethu ngiyaxolisa, kayikho leyo nto. Ngamanga nje,’’ kuchaza URanamane.
Uthe umangele ukuthi ubengaze abulawe kabi kangaka ngoba kwenzenjani. Umchaze njengomuntu obehlakaniphe kakhulu kwezamabhizinisi futhi akangenanga ngenxa yodumo kodwa wubekhaliphile.
Udadewabo kamufi, uThandiwe Sefoko ubonge umfowabo ngothando abanike lona esaphila, wathi kusazoba nzima ukwemukela ukuthi akasekho. Phakathi kwabanye abebekhona ngabaholi bezepolitiki, uJulius Malema, onxuse ukuthi kwenziwe konke okusemandleni ukubamba ababulali. Uthe ababulali bakhombisa ukuba ngamagwala.
Bekukhona noNdunankulu waseLimpopo uStanley Mathabatha. Amaciko abephumile ezovalelisa okokugcina kuDJ Sumbody, obesezakhele udumo endimeni yezomculo. Amaciko ngaphambi komngcwabo aqale ngokugubha impilo kamufi enkonzweni yesikhumbuzo, phakathi nesonto lapho bekugqokwe khona okumhlophe.