ONGUMPHENYI omkhulu ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, uBrigadier Bongani Gininda, ufuna umculi uKelly Khumalo ajoyine abasolwa eNkantolo eNkulu yasePitoli ngoba ukholwa wukuthi wayewumbimbi nabasolwa.
Efakaza ngoLwesihlanu, uGininda uthe wayefuna uKelly abe ngumsolwa wesithupha, ngenxa yobufakazi babanye abasolwa.
Uthe uyazikhumbula izitatimende zikaSifiso "Gwabini" Zungu nesomunye umsolwa, ziveza ukuthi ukubulawa kukaSenzo kwakungekhona ukuyobamba inkunzi kodwa kwakuyitulo elalihlelwe ngabasolwa abayisithupha, okubalwa noKelly.
Ephekwa kabanzi ngemibuzo wu-Advocate Sipho Ramosepele (ongummeli womsolwa wesibili, uBongani Ntanzi), uGininda uthe njengoba ayesebophe abasolwa abahlanu ngoNovemba, wayesenza isicelo sokuba uKelly abe wumsolwa wesithupha ngenxa yobufakazi obashiwo ngumsolwa wokuqala (uMuzikawukhulelwa Sibiya) noNtanzi bokuthi uKelly wayewumbimbi ngesikhathi kwenziwa itulo lokubulala uSenzo.
Uthe isitatimende sikaColonel Lambertus Steyn siveza ukuthi umsolwa wesithathu (uMthobisi Mncube) wayexhumana noKelly (ayembiza ngoSistas).
Uthe leso sitatimende savezwa futhi nabameli babasolwa basithola.
UGininda ubuye waveza ukuthi uColonel Lambertus Steyn wathola ukuthi uKelly wayenezinombolo eziyisithupha zomakhalekhukhwini ayezisebenzisa ekubeni yena waveza izinombolo ezimbili kuphela emaphoyiseni, okungeyantshontshwa neyasetshenziswa ku-downloadwa imininingwane yakhe.
Uthe akazihluphanga ngokubuza uKelly noLongwe ngesithombe esasinoplastiki owawunemali esatholakala ocingweni lukaMncube, nokwavela ukuthi lo plastiki wawuvela kuKelly nakuLongwe Twala.
Ngaphambi kokuqala kwecala, ummeli womsolwa wokuqala, u-Advocate Thulani Mngomezulu, ucele ukuphuthuma ekhaya ngenxa yokuthi ubengazizwa kahle.
IJaji uRatha Mokgoatlheng lithe aliboni ukuthi yini engenza linqabele uMngomezulu ukuba ayolulamela ngasekhaya. Ummeli uyalelwe ukuba abukele leli cala esekhaya.
Ummeli womsolwa wesine, u-Advocate Zithulele Nxumalo, uthe uzosiza uMngomezulu ngakho konke okuzobe kudingeka kuye.
USenzo wabulawa ngokudutshulwa evakashele owayeyintombi futhi engunina wengane yakhe, uKelly, kubo eVosloorus, eGauteng, ngo-Okthoba 26, 2014.
Emasontweni ambalwa edlule, bekuhlangane iminyaka eyishumi lo mdlali abulawa. Udadewabo kaKelly, uZandi, ucashunwe kwesinye seziteshi zethelevishini enowayeyinkosikazi kaSenzo shaqa, uMandisa Mkhize, ekholwa wukuthi uMandisa kumele engabe naye usahlatshwa imibuzo ngoba uSenzo washona bengasazwani.
UZandi uveze nokuthi enye into eyayenza ukuthi uSenzo angayi emcimbini wokuzalwa komngane wakhe, owawungempelasonto yesehlakalo, kwaba wukuthi wayazi ukuthi uMandisa umenyiwe naye. Ngenxa yokuthi babengasabhekani, wangalubeka, wancamela ukuzihlalela kubo kaKelly.