USHONE le nale wangayiphendula ngqo imibuzo ebimcindezela ngokuthi kungani esawuNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uNksz Thembi Simelane, ekubeni aboleka imali ebhange eselawa i-VBS.
Le mibuzo ibivela kumalungu ePhalamende, abelokhu ebuzile ukuthi kungani esami phambi kwawo ekubeni ngabe ibhantshi selagcwala umoya?
La malungu abefuna ukwazi ukuthi akaboni yini ukuthi kumele asule ngoba waba ngabanye babantu ababoleka imali kuleli bhange okwakulondolozwa kulona imali?
Ilungu le-DA, u-Advocate Glynnis Breytenbach, libuze ukuthi usasiphethe kanjani lesi sikhundla ekubeni enza into efuze le?
UNksz Simelane akazange amnike impendulo eqondile kodwa umane washaya ngezimfushane, wathi usayilungu lePhalamende.
Nelungu le-MK ePhalamende, uMnuz Sibonelo Nomvalo, limbuze ukuthi ngabe ubona ukuthi lezi zinsolo ezibhekiswe kuyena zingezinye zezindlela zokuzama ukumsusa kwiKhabhinethi?
Umane wathi: “Umbuzo omusha lo sihlalo, awuhlangene nombuzo wokuqala, ngakho ngeke ngiwuphendule,” kusho uNksz Simelane.
Konke lokhu bekwenzeka ngesikhathi amalungu abebuza imibuzo kongqongqoshe abehlukene.
Kunefu eligubuzele uNksz Simelane owaveza ukuthi waboleka u-R575 000 enkampanini iGundo Wealth Solutions, eyayisebenzisana nebhange i-VBS.
Le mali wayisebenzisa ukuthenga indawo edayisa ikhofi, kanti usayikhokha yonke.
UMnuz Makashule Gana weRise Mzansi, ubuze uNksz Simelane ukuthi ikuphi akwenzayo ukushintsha imicabango yabantu yokuthi isondo liyaphuza ukujika ezikhulwini zikahulumeni nakosopolitiki.
Ephendula uthe umnyango wakhe uhlose ukuqinisekisa ukuthi uwonke wonke uyabuthola ubulungiswa.
Ingcabha ikuMengameli Cyril Ramaphosa, okunguye okumele anqume mayelana nekusasa likaNksz Simelane.
UNksz Simelane wenza izethulo kuRamaphosa mayelana nodaba lokuboleka imali kule nkampani eyayisebenzisana ne-VBS.
URamaphosa wathi usayicubungula ekaNksz Simelane, wathi uyolazisa izwe uma esethathe isinqumo mayelana nodaba lwakhe.
Kwenzeka lokhu nje, ilokhu ikhula ingcindezi yokuthi akhonjwe indlela kulesi sikhundla ngenxa yokuthi wengamele umnyango obaluleke kakhulu ofaka uphiko lwezokushushisa kanjalo nezobulungiswa.