IGWETSHWE udilikajele, yiNkantolo eNkulu yaseMgugundlovu indoda emva kokuvuma icala lokubulala inkosikazi yalo, okwenzeke ngo-Okthoba kulo nyaka.
Le nkantolo igwebe uBongani Maxwell Ncube (47) ngokubulala uNkk Nokuthula Ntsalaze Ncube abasebeneminyaka eyisithupha beshadile, behlala ndawonye emzini wabo eCopesville, eMgungundlovu.
Kuthiwa laba abashadene bebesebudlelwaneni obungebuhle kukhona ukuhlukumezana, kangangoba yize bebesahlala ndawonye kodwa bebesemalungiselelweni esahlukaniso somshado.
Kuthiwa ngo-Okthoba 31, kube nengxabano phakathi kwabo, umufi wadonsa ucelemba ngaphansi kombhede.
Ebufakazini obunekelwe inkantolo uNcube, uthe wakwazi ukumephuca ucelemba, kwathi ngenxa yokucasuka wamgenca ngawo amahlandla ekhanda nasentanyeni. Umufi kuthiwa waphangalala endaweni yesigameko ngenxa yokulimala kabi ekhanda.
UNcube kuthiwa washiya isidumbu sikhiyelwe ngaphakathi endlini, wabaleka waya eNdwedwe. Ekhona lapho, washayela ucingo amalungu omndeni wakhe wawatshela ngasekwenzile nokuthi isidumbu somkakhe sikephi nesikhali asisebenzisa ukwenza lobu bugebengu.
Efundela inkantolo isitatimende esibhalwe ngelinye lamalungu omndeni kamgilwa, uMshushisi u-Advocate Julius Khathi uthe umndeni uhlukumezeke kakhulu ngalesi senzo, kangangoba akekho oyovala isikhala esishiywe umufi njengoba ubeyinsika emndenini wakhe.
Imizamo yokuthi uNcube anikezwe isigwebo esincane kunaleso esibekiwe ayiphumelelanga, njengoba ijaji liveze ukuthi akukho okwakumphoqa ukuthi abulale umufi.
Okhulumela uphiko lwezikuShushiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Natasha Ramkisson Kara, uthe bayasemukela isigwebo.
“Kuwumgomo wethu ukushushisa, kwenzeke ubulungiswa ikakhulu kulabo abangakwazi ukuzivikela bona. Sithemba ukuthi lesi sigwebo sizoshintsha ukucabanga kwalabo abacabanga ukwenza amacala afanayo,” usho kanje.