PHEZU kokuba uMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, ehoxise uxhaso obelusiza ngasohlangothini lwezempilo kanjalo noxhaso oluthinta ukuvikelwa kwemvelo kodwa uMengameli Cyril Ramaphosa, uthe bayaqhubeka nokuphemba ubudlelwano nezwe lakhe.
URamaphosa uthe basazoqhubeka nokujuba ithimba elizocubuza amagabade njengoba uTrump, ahoxisa uxhaso ngoba "elakuleli linemithetho ehlukumeza amaBhunu".
"Inxusa lethu elizinze eMelika liyaqhubeka nezinhlelo zokuxoxa nezinhlaka ezehlukene eMelika. Sizojuba nethimba elizoya koxoxa nohulumeni waseMelika kanjalo namanye amazwe. Sethemba ukuthi izingxoxo esinazo zizothela izithelo neMelika," kusho uRamaphosa izolo, ephendula imibuzo ePhalamende.
Ugxeke izinhlangano i-AfriForum ne-Solidarity ngokuya eMelika, ziyofafaza amanga ngelakuleli.
Uthe izinhlaka zezomthetho okubalwa nophiko lwezokushushiswa komphakathi, kumele zibheke ukuthi zingathwesa lezi zinhlangano amacala okuvukela uMbuso.
"Angihambisani nokwenziwa yilezi zinhlangano, ngokuyofafaza amanga ngezwe lazo kwamanye amazwe. Ziqamba amanga ngezinto ezingenzeki, zihlukanisa phakathi izwe. Lokhu kufana nokungabi nandaba nezwe lakho," kusho uRamaphosa.
Lezi zinhlangano zaya eMelika zafike zakhala ngemithetho ezathi ngeye-ANC, okubalwa owokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ukuthi uhlukumeza amaBhunu.
UTrump wagxeka elakuleli waze wavula izandla kulabo abazizwa bengaphephile kuleli ukuthi baye kozinza eMelika.
URamaphosa uqhubeka nezinhlelo zokuncenga iMelika nje, abanye abaholi bamaqembu ahlukene ePhalamende bamyalela ukuthi angancethezi eMelika, bathi uTrump akahambe ashone noxhaso lakhe njengoba engena egamanxa ezintweni ezingamthinti.
Ebuzwa mayelana nokuhlangana kwakhe nomeluleki kaTrump, uMnuz Elon Musk, uvumile ukuthi bahlangana baxoxa naye ngezinto eziningi ezithinta uhwebo.
"Sihlangana siphinde sikhulume nabantu abahlukene ngezinto ezithinta ukuhwebelana. Sahlangana noMusk nyakenye, kanti sisanda kukhuluma naye muva nje. Ozakwethu esisebenza nabo bayazi ngokuhlangana kwethu noMusk," kusho yena.
URamaphosa uphinde waqinisekisa amalungu ePhalamende ukuthi imali yempesheni ezosetshenziselwa ukuphucula ingqalasizinda kuleli, izoqashwa ngelokhozi.
Uthe izinguquko ezenziwe esikhwameni sempesheni sivula umnyango wokuthi kuthathwe leyo mali isetshenziselwe ukuphucula ingqalasizinda.
"Le mali akuyona ekahulumeni ngakho kudingeka ukuthi imali esetshenziselwa ukuphucula ingqalasizinda iqashwe ngelokhozi. Kumele ibuye isinenzalo ebhekile."