UMNYANGO wezabaSebenzi usuzoba nebhasi elingumahamba-nendlwana emahhovisi asePinetown ukusiza abafaka izicelo ze-Unemployment Insurance Fund (UIF).
Ukuba khona kwaleli bhasi kuzoxazulula inkinga yabantu abakhele izindawo ezisentshonalanga yeTheku, abebekhala ngongalutholi usizo emahhovisi alo mnyango asePinetown.
UMnuz Nhlanhla Khumalo ophethe ezokuxhumana eMnyangweni wezemiSebenzi KwaZulu-Natal, uthe ukuxazulula izinkinga zasePinetown sebenqume ukuthi kuzojutshwa ibhasi le-UIF elingumahamba-nendlwana maduze.
Abantu batshele Isolezwe ukuthi ihhovisi lasePinetown lisebenza abantu abawu-15 kuphela ngosuku bese kuthiwa amakhompyutha a-offline (abakwazi ukuthola imininingwano ngabakuzele), kuthiwe abasele ababuye ngakusasa.
Baveze ukuthi uma bebuza kumphathi wehhovisi ukuthi kungani kuhlezi kuthiwa amakhompyutha a-offline, baye batshelwe ukuthi abayobuza uNgqongqoshe, uMnuz Thulas Nxesi ngoba wonke amahhovisi oMnyango wezemiSebenzi anale nkinga.
“Sikhala kwiSolezwe ngoba umphathi wehhovisi lasePinetown uthe asitshele ungqongqoshe ukuthi bahlale be-offline. Siza lapha ngoba sizobhalisela imali yethu ye-Unemployment Insurance Fund (UIF) bese kuthiwa amakhompyutha a-offline. Yisonto lesibili leli siza lapha ngoba bafike babuke amaphepha ethu bathi asibuye kusasa, amakhompyutha a-offline. NgoLwesibili, bathe asihambe siyotshela uNxesi ukuthi amakhompyutha a-offline ngoba yinkinga yawo wonke amahhovisi lena,” kusho omunye obeyofaka isicelo se-UIF.
Abanye bathe ukube banemali ngabe baya kwamanye amahhovisi oMnyango wezabaSebenzi ngoba elasePinetown linabantu abangathandi ukulekelela abasebenzi.
“Siyacela uNxesi angenelele ngoba umphathi wehhovisi uvele athi amakhompyutha a-offline abe esesifulathela. Asazi ukuthi amakhompyutha asengaba offline amasonto amabili?” kubuza omunye.
UKhumalo uthe akusilo iqiniso ukuthi wonke amakhompyutha abo a-offline.
“Uma sithole ukuthi amakhompyutha a-offline siye sithumele ithimba lethu lobuchwepheshe ukuthi liyilungise leyo nkinga. Siyacela abantu basibikele uma bengaphathekile kahle emahhovisi ethu. Bahlale bekhona abaphathi bamahhovisi, bangagcini ngokukhuluma nezinduna kuphela,” kusho uKhumalo.
Uthe banazo izinambolo zabaphathi bamahhovisi kwi-website yabo, wagqugquzela abantu ukuthi bazisebenzise ukubika.