UNGQONGQOSHE wezikaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa uthi sekusele kancane iphele inkinga yokunqamuka kukagesi kuleli.
URamokgopa uthe ugesi unqamuke kakhulu ngesonto eledlule ngenxa yokuthi basandisile isibalo semishini abayicishayo ukuze bayilungise.
Lokhu uthe bakwenza ngoba sekudlule ubusika, sebebona ukuthi ugesi awusadingeki kakhulu ezweni.
Uveze ukuthi kuzobuya imishini emine yesiteshi sikagesi iKusile ebikade icinywe ngoba ilungiswa. Umashini wokuqala ubuye izolo okuwu-Unit 4 kanti ukhiqiza ugesi owu-800MW.
URamokgopa uthe ngenyanga ezayo nangoNovemba bazobuyisa imishini ewo unit 3,1,2 no-5. Lokhu kuzofaka ugesi ongaphezulu kuka-4 000MW.
“IKusile yisiteshi esizoxazulula izinkinga zokunqamuka kukagesi. Imishini besiyicimile ngenxa yokuthi sifuna ukulandela umthetho wokungagcolisi imvelo. Kufanele sinciphise i-sulphur dioxide ekhiqizwa uma kuphehlwa ugesi. Sicele ukuthi kululwe isikhathi ngezinyanga eziwu-14 ukuze senze konke okufanelekile,” kusho uRamokgopa.
Uthe makuqala isonto eledlule, ugesi okhona ubuwu-26 000MW kodwa liphele usuwu-27 760MW.
“Sekusele kancane ukuthi kuxazululwe inkinga yokunqamuka kukagesi. Sibuyisa imishini ebifile eKusile. Ibuyile nemishini ebifile eKendal naseMatla. Ugesi unqamuke ngokwesigaba sesithupha ngesonto eledlule ngenxa yokufa kwemishini naleyo ebesiyicimele ukuyilungisa,” kuchaza uRamokgopa.
Uthe kubalulekile ukuthi bayicime imishini ukuze izoyeka ukufa bengalindele.
UMnuz Bheki Nxumalo oyisikhulu esibhekelele izinhlelo zokuphehlwa kukagesi, uthe kusebenza onjiniyela abanolwazi olunzulu eKusile futhi izingqinamba ebezikhona sebezixazululile.
Uthe umshini owu-Unit 4 obucishwe izinsuku eziwu-20 ulungiswa ukhanyiswe ngo-9 ekuseni izolo, kanti uletha ugesi owu-800MW okusho ukuthi uzonciphisa isigaba sokuhamba kukagesi.
URamokgopa uthe kuleli sonto uyathemba ukuthi konke kuzohamba kahle ekuphehlweni kukagesi wacela abantu ukuthi baqhubeke nokuwonga