UKUTHANDANA nabantu abadala kwezitshudeni kwandisa izigameko zokuhlukunyezwa.
Lokhu kushiwo u-registrar (isikhulu) wesikhungo sezemfundo i-Durban University of Technology (DUT), uDkt Maditsane Nkonoane, ngesikhathi ekhuluma nezitshudeni zakule nyuvesi ngesikhathi kunemashi yezitshudeni ekhuza ukuhlukunyezwa ngokobulili, i-Gender Based Violence (GBV), i-Silent March, ebiyizolo.
"Siyinyuvesi umsebenzi wethu ukuthi uma sinemukela nizofunda nibuyele ekhaya senineziqu zenu, hhayi ukuthi nibuyele emakhaya niyizidumbu. Umkhuba wokuthandana namadoda amadala o-sugar daddy nomama abadala o-sugar mama, abazi ukuthi uma bethandana nezitshudeni banelungelo lokuzilawula. Uma ukulobo budlelwano phuma! Phuma ngoba kulobo budlelwano usengcupheni yohlukumezeka," kuxwayisa uNkonoane.
UNksz Silindile Mabonga osesigungwini sabafundi i-SRC, uthe le mashi osekuneminyaka eyishumi yenziwa ngabafundi bakulesi sikhungo iyisikhumbuzo salaba abavalwa imilomo ngokuthi bangakhulumi ngokuhlukunyezwa kwabo.
"Iyisikhumbuzo sokuthi kumele siqwashe, sikhande indawo ephephile elungele ukuthi sikwazi ukuphilisana sonke, sesekane nokuthi sizame senze isiqiniseko sokuthi abenzi bokubi babhekana nengalo yomthetho.
UNkk Thembalethu Fihlela wophiko lwezomthetho e-DUT, uthe kumele kuphele ukuthi uma kuthiwa kunomfundi odlwenguliwe kubuzwe ukuthi ubekuphi, egqokeni.
"Ukuthi umuntu ubegqokeni akusho ukuthi sekumele adlwengulwe," kusho uNkk Fihlela.
IPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Bhuti Manamela, lithe kunezinto amadoda okumele azazi njengokuthi umzimba wabantu besifazane akuwona owawo.
"Akukhathalekile ukuthi uwena omondlayo, uma ethi cha kusho ukuthi cha! Akukhathalekile ukuthi cha uwusho ngezwi eliphansi noma uke wavuma wabuye washintsha. Amadoda awawazi ucha," kusho uManamela.
Uthe uzwile ukuthi selokhu kwaqalwa le mashi baningi ababika ngokuhlukunyezwa.
"Kuhle lokho kodwa sifuna kufike esigabeni lapho kuzothiwa azisekho izigameko zokuhlukunyezwa," kusho uManamela.
UMnuz Sandiseni Madela ongowesilisa othandana nabobulili obufanayo, uthe abathandana nabobulili obufanayo basahamba beqalaza uma besezindaweni abahlala kuzo noma besemphakathini.
"Kunenkolelo yokuthi awukwazi ukushintsha indlela odalwe ngayo uma ungowesilisa noma ungowesifazane. Bakholwa ukuthi siyazenzisa ngakho sidinga ukuthi silungiswe ngokuthi sidlwengulwe noma sishaywe," kusho uMadela.