UKUGQEKEZWA nokungaphephi kwezinye zezikole KwaZulu-Natal, kwenze ukuthi ezinye zezinsiza zokufunda nokufundisa zingathunyelwa ekupheleni konyaka odlule.
Lezi zinsiza okuyi-stationery, zizothunyelwa ezikoleni uma sekuvulwa ngesonto elizayo, ukuze ziphephe.
Lokhu kudalulwe nguMphathiswa wezeMfundo e-KZN uMnuz Sipho Hlomuka, njengoba kuvulwa izikole ngoLwesithathu oluzayo.
UHlomuka uthe ingxenye eningi yezinsiza zokufunda okuyizincwadi ne-stationery, kwathunyelwa ezikoleni ngaphambi kokuthi zivalwe ngonyaka odlule.
Uthe kwathunyelwa u-99% wezincwadi ezikoleni wathi kwi-stationery, kwahamba u-76%.
“Ezinye zezikole zibhekene nezingqinamba zokuthi aziqinile ezokuphepha kuzona, okwenze aasangakwazi ukuzihambisa. Izinsiza zalezi zikole zizohanjiswa kuze kushaye uLwesihlanu oluzayo,” kuchaza uHlomuka.
Nyakenye izikhulu zomnyango zihambele esikhungweni okugcinwa kusona izincwadi eManzimtoti, ukuyobheka ukuthi uhlelo lokuthunyelwa kwazo luhamba kanjani.
UHlomuka uthe basebenzisana nezinhlaka zezokuphepha, ukuqinisekisa ukuthi izikole ziphephile ngamaholidi.
Sikhulu isililo njalo uma kuzovulwa izikole kuleli ngoba ezinye zisuke zigqekeziwe, kwathathwa impahla ehlukene.
Owayengungqongqoshe womnyango kuzwelonke uNkk Angie Motshekga, wayehlala ekhala njalo ngokuthi kuba nezinselelo njalo ngamaholidi futhi basuke behlalele ovalweni lokuthi zizogqekezwa.
Kwezinye izikole kuthathwa nokudla okuphekelwa abafundi, igesi okuphekelwa ngayo abafundi kanjalo namabhodwe.
Odabeni oluthinta imali yezikole eyaziwa ngama-Norms and Standards, uHlomuka uthe bamatasa nodaba ukuze izikole zithole izimfanelo zazo.
Uthe bafuna ukufunda kuqale ngosuku lokuqala kuvulwe izikole.
“Asifuni kube nabazosalela emuva yingakho simatasa nodaba lwemali yezikole. Imfundo yezingane yiyona esiyibeke phambili.”
Usho lokhu nje, kusuke umsindo ngasekupheleni konyaka odlule, i-Sadtu yavalela izikhulu zomnyango emahhovisi ifuna kukhokhwe le mali yezikole.
I-Sadtu yayikhala ngokuthi umnyango awuyifaki ngesikhathi esifanele imali yezikole.
Okwakukhalisa inyunyana wukuthi imali izikole ziyisebenzisela ukwenza izinto ezehlukene, okubalwa nokubhalisa izivivinyo zamanye amabanga.
Umnyango kwadingeka ukuthi ugobe uphondo uthembise ukuthi uzoyifaka imali izikole zingakavalwa.
I-Sadtu ayiphazamisanga kuphela ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric, kodwa ezamaphakathi nonyaka zaphazamiseka kwezinye izikole ngenxa yemibhikisho yenyunyana.