KUSOLWA ukuthi wumbango kaR500 oholele ekutheni kubulawe umholi we-ANCYL eMlaza ngoMgqibelo.
UMnuz Bongani Usher Mkhize (25) waseMpendle kodwa obeyiPhini likaSihlalo we-ANC noSihlalo we-ANCYL ku-ward 88 eMlaza, kuthiwa wayekade ethathe uR500 kuMnuz Andile Zulu (25), obekwe icala ngokufa kwakhe, wamthembisa ukuthi uzomfaka esikoleni eCoastal College eMlaza lapho kade efunda khona. UMkhize uqale washaywa ngoMgqibelo ngaphambi kokuthi adutshulwe.
Izolo uZulu uvele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza nomfowabo abasolwa naye, uMnuz Mfanafuthi Zulu (29).
Kuthiwa izelamani zakwaZulu ezizinikele zona emaphoyiseni ziqale zamshaya uMkhize ngaphambi kokuthi zimdubule.
Umngani kaMkhize onguMengameli wabafundi eCoastal College, uSboniso Nzimakwe, uthe u-Andile uqale wafika wakhahlela izicabha lapho bekuqashe khona uMkhize ezofuna imali yakhe ngoMgqibelo.
FUNDA: Kuboshwe owesibili ngokufa kowe-ANC
“Ngenxa yokuthi abafana bobabili baze balwa, u-Andile wahamba waya kubo wabuya nomfowabo sebezomhlanganyela. Umufi uzamile ukubabalekela wangena emotweni yakhe kodwa bamjaha bamkhipha kuyona. U-Usher uthathe isibhamu ebesisemotweni yakhe basibanga, ngesikhathi besibanga wadubuleka eqolo, bamphuca bamqedela ngaso,” kusho uNzimakwe.
Uthe ukube abasolwa bebengaqondile ukumbulala umufi bebengeke bamqedele uma sebembona ukuthi udubulekile.
“Thina asiyikholwa indaba yemali, abasolwa bese bevele besophile ukumbulala umufi ngoba omunye umngani wethu wabakhuza wathi uma kuwukuthi bafuna imali yabo yena uzobanika, angaze abanike ngisho uR1000, kodwa baqhubeka nokumhlasela baze bambulala,” kusho uNzimake.
AMALUNGU omphakathi ababhikisha ngaphandle kwenkantolo izolo. Isithombe: TUMI PAKKIES/ANA
Izolo abasolwa abazange babuzwe ukuthi bayalivuma noma bayaliphika yini icala labo. Lihlehliselwe uJulayi 30 abazocela ngawo ibheyili.
Abasolwa bebebukeka bethukile ebhokishini izolo, belokhu bebheke phansi bezama ukuzifihla kwabezindaba abebethwebula izithombe.
Izolo batshele inkantolo ukuthi bacela ukuthi bamelwe ngummeli kahulumeni.
Inkantolo ibigcwele iphuphuma abafundi baseCoastal College namalungu e-ANCYL ne-ANC abebebhikisha nangaphandle kwenkantolo befuna abasolwa banganikwa ibheyili.