OSOMABHIZINISI emkhakheni wezokwakha baneke usizi nezinselelo ababhekene nazo engqungqutheleni iCrime Free Construction Sites, e-ICC, eThekwini. Bakhala ngokuxhashazwa yizinkamani ezinkulu abasuke besebenza ngaphansi kwazo ezibakhokhela amakinati futhi sekudlule isikhathi.
Baveze nokuthi banqanyulelwa izinkontileka kungazelelwe nokuthi imisebenzi ethile isabekelwa uhlanga oluthile losomabhizinisi.
Labo somabhizinisi bafuna kuphenywe namaphoyisa abawasola ngenkohlakalo. Bafuna ukwazi ukuthi bangazibika kuphi izinkinga abasuke bebhekene nazo.
Bebekhuluma beshintshana betshela abasemagunyeni kuhulumeni kusukela kokazwelonke kuyoshaya phansi komasipala engqungqutheleni.
Labo somabhizinisi bathi uma sebefuna okungokwabo, yilapho ke benikwa khona igama lokuthi bangama-construction mafias babizelwe amaphoyisa afike abasuse ngoshova lapho kwakhiwa khona.
Obekushiwo yilabo somabhizinisi bekulalelwe ongqongqoshe, amaphini abo, abaphathiswa, izimeya, amaphoyisa nabanye ababambe iqhaza kulo mkhakha.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uthe zibeka engcupheni impilo yabantu emphakathini izidubedube zokumiswa kokwakhiwa nokuthuthukiswa kwengqalazisinda okuthiwa kwenziwa ababizwa nge-construction mafia.
“Kusezandleni zethu ukuthi sikhetha izwe elizinzile noma elinodlambedlu. Lezi zigameko ezingekho emthethweni, zokusabisa nodlame emkhakheni wezokwakha, azamukelekile futhi ziyisithiyo,” kusho uMchunu.
Ubalule ukuthi lo mkhuba umandla ezifundazweni iGauteng, KwaZulu-Natal, Western Cape naseEastern Cape eziyizizinda zomnotho wezwe.
UMchunu uxwayise abadala udungunyane emkhakheni wezokwakha wathi abawuyeke lo mkhuba ngoba izinsuku zabo zibaliwe.
UNgqongqoshe wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Dean MacPherson, uwuchaze ngengqophamlando lo mbuthano okuhloswe ngawo ukulwa ne-construction mafia wathi sekwanele.
“Ngeke sisaxoxisana nezigebengu ukuze imisebenzi iqhubeke. Silapha nje sizobuyisela umthetho emkhakheni wezokwakha. Lezi zingqinamba zixosha osomabhizinisi, kulambe abantu imisebenzi ingekho, zikhinyabeza umnotho wezwe nentuthuko yomphakathi,” kusho uMcPherson.
Iphini likaMacPherson, uMnuz Sihle Zikalala, lithe luyafuneka ushintsho emkhakheni wezokwakha, kushaywe imithetho ezohlomulisa wonke umuntu futhi kugwenywe ukuhlangana kwezinkampani ezinkulu zivalele ngaphandle ezincane.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthe miningi imisebenzi emisiwe eKZN, eminyakeni engu-10 kumosheke izizumbulu.
“Imibiko ithi esikwazi nge-construction mafia kwaqala kungabantu ababenentshisekelo yokungena kulo mkhakha ngokuhamba kwesikhathi kwakhona abazibumbayo bazenza osomabhizinisi baphathe izibhamu bayomisa ukwakhiwa. Ayikho indawo yabafuna inkokhelo ngodli nama-constructon mafia eKZN,” kuxwayisa uNtuli.
USomlomo kaMasipala weTheku, uMnuz Thabani Nyawose, uthe lo mkhandludolobha ubhekene nenkinga yokumiswa kwemisebenzi yokwakhiwa kwengqalasizinda.
“Lezi zigameko eziwubugebengu zidala ingcindezi ekukhuleni komnotho wedolobha futhi zibeke engcupheni ezokuphepha zezwe,” kusho uNyawose.