UMNYANGO wezemfundo KwaZulu-Natal, usuluqale ngokusemthethweni uhlelo lokukhangiswa kwezikhala zothisha eziku- Post Leve One (PL1), oluvumela bonke abanezicucu ezifanele bafake izicelo ngokuvulelekile.
Lolu hlelo belulindwe ngamehlo abomvu ngothisha abangaqashiwe nabaqashwe ngokwetoho, emva kokuthi lwamenyezelwa nguMphathiswa walo mnyango esifundazweni uMnuz Sipho Hlomuko ethatha izintambo, kulandela izikhalo zenkohlakalo nokuqasha ngikwenzelela okukholakala ukuthi bekwenziwa yiziphathimandla ezikoleni nasemahhovisi omnyango emazingeni aphansi ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lwaphambilini obeluphoqa umuntu ukuthi ashiye imininingwane yakhe kwi-database yomnyango, athembele ekutheni igama lakhe lizotonyulwa uma kuvela isikhala. Ngalolu hlelo, abafaka izicelo sebezokwazi ukubona izikhala ezikhona zomsebenzi, njengoba zikhangiswa isidana zifakwe kwi- website yomnyango ethi, www.kzneducation.gov.za. UHlomuka ugqugquzele bonke abafuna ukufaka izicelo zomsebenzi ukuthi bengaliyeki leli thuba. Izikhala zomsebenzi zikleliswe ezikoleni ezikomasipala abehlukene esifundazweni.