LIZA ngenye indlela icala lokubulawa kwekhansela lakuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, njengoba sekuboshwe umsolwa wesibili, inkantolo yaphinde yachitha isicelo sebheyili sommangalelwa wokuqala.
INkantolo yeMantshi eHowick, ichithe isicelo sebheyili sikaMnuz Thobane Mashobo Hlongwa, owaboshelwa leli cala ngonyaka owedlule.
Ngesikhathi kuthulwa isinqumo esicelweni sebheyili, uHlongwa ubevele noMnuz Khayelihle Shabalala, ongummangalelwa wesibili kuleli cala.
UShabalala uboshwe ngesonto elidlule, ubengakasifaki yena isicelo sebheyili. Icala labo lizobuyela enkantolo ngoMashi 11.
Izolo bekugcwele amalungu e-DA enkantolo ngesikhathi kwethulwa isinqumo esicelweni sikaHlongwa sokudedelwa ngebheyili.
Imantshi u-Elizabeth Wilkens ithe uHlongwa uyingozi emphakathini, yathi ubufakazi obethulwe uMbuso ngesikhathi kulalelwe isicelo sebheyili buveza ukuthi uHlongwa uyingxenye yeqembu lemigulukudu elihlalise lubhojozi abantu baseMgungundlovu.
“Ummangalelwa akazange abuphikise lobu bufakazi. Ukuba kwakhe ingxenye yeqembu lemigulukudu kubeka engcupheni ukuphepha kofakazi kuleli cala. Angathumela ngisho abangani bakhe ukuthi bayolimaza ofakazi.”
UNdlovu owadutshulwa wabulawa phambi komndeni wakhe, ngo-2023, kukholakala ukuthi wabulawelwa ukulwa nokukokotelwa kukagesi elokishini iMpophomeni.
Imantshi uWilkens ithe ukusocongwa kukaNdlovu phambi komndeni kukhombisa ukuthi uHlongwa nayehamba nabo banesihluku kangakanani.
Imantshi ikhale nangokuthi uHlongwa akazange azinikele emaphoyiseni ngesikhathi ezwa ukuthi ayamfuna.
Ngokomphenyi wecala, amaphoyisa aqala ukufuna uHlongwa ngoDisemba 2023, njengoba eze amthola ngo-Okthoba wangonyaka owedlule.
“Umphenyi wecala uthe amaphoyisa aya kaningi kubo kaHlongwa, afica owazichaza ngokuthi uwugogo wakhe. Umphenyi wecala uthe bebelokhu beshiya umyalezo, becela uHlongwa ukuba axhumane namaphoyisa kodwa akangakwenza lokho. Nakuba uze waboshwa amaphoyisa athi kwasiza ilungu lomphakathi elawahlebela ukuthi ukhona ekhaya ngalelo langa.”
Umholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, uthe kunikeza ithemba okwenzeka kuleli cala.
“Sijabule ukuthi kukhona umsolwa wesibili oboshiwe futhi sijabule ukuthi ummangalelwa wokuqala unqatshelwe ibheyili.”
URodgers uthe basenezikhalazo ngendlela okuqhubeka ngayo uphenyo.
Uthe amaphoyisa aphethe uphenyo awaxhumani nomndeni kaNdlovu, wathi futhi awafuni ukusebenzisana nabo.
“Sinobufakazi bethu esinabo, amaphoyisa awafuni ukubamukela.”
URogders uphinde wakhala nangesinqumo sikaNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, sokuhlakaza ithimba lamaphoyisa eliphenya izigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
URogders uthe lesi sinqumo sithathwe ngesikhathi esibi lapho kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya, nokuyisikhathi khona lapho zijwayele ukwanda izigameko zokubulawa kosopolitiki.