MCEBO MPUNGOSE
I NHLANGANO yaseThekwini ehlenga abantu emabhishi, iDurban Surf Lifesaving izofundisa abantu izindlela zokubhukuda ukuze bagweme ukuminza olwandle ngesikhathi samaholidi.
Izehlakalo zokugwiliza kwabantu ngezikhathi zamaholidi yikhona okwenze le nhlangano yaba nomkhankaso wokufundisa abantu okuzokwenzeka kusasa ebhishi laseThekwini.
Kumenywa wonke umuntu kanti labo abangama-life savers bazobe befundisa labo abafuna ukubhukuda.
Usihlalo wale nhlangano uMnuz Julian Taylor (50), uthe cishe zonke izigameko zokuminza kwabantu zingagwemeka uma benolwazi ngokubhukuda.
“U-90% wazo zonke izigameko zokuminza zingagwemeka. Ukuminza kuthinta abantu bazo zonke izinhlanga, akukhethi muntu. Kusukela kwabanemali abasuke beyizivakashi kuya kumfana wasemakhaya ominza emfuleni. Ukuminza kwabantu kubanga umunyu emndenini kodwa kungagwemeka,” kusho uTaylor.
UTaylor wasiza omunye wesilisa ngoKhisimusi wanyakenye.
“Ngenkathi ngifika kulo wesilisa ubuso bakhe babubheke phansi esezominza umzimba wakhe ucwilile, kahle hle wayesefile. Samthatha, sambeka esihlabathini sasolwandle ngisizwa abanye samvusa. Lesi yisipho esikhulu kunazo zonke esingeke ngasinikeza umuntu, impilo,” usho kanje.
UTaylor uthe ngezintatha zakusasa uzozama ukubhukuda isikhathi eside kunazo zonke emhlabeni njengoba efuna ukubhukuda amahora angu-16 nemizuzu engu-40 kwi-swimming pool ngokushaya imijikelezo engu 500, nokuzofana nokubhukuda u-50km. Nanka amaphuzu enziwe yile nhlangano njengendlela yokukhulisa ezokuphepha kwababhukudayo.
n Funda ukubhukuda
n Uma ungakwazi ukubhukuda gqoka i-life jacket
n Uma engekho umhlengi eduzane, ungabhukudi
n Ukuma onqenqemeni olungakuwisela emanzini kuyingozi
n Bheka ukujula kwamanzi ngaphambi kokuthi ungene
n Ungazami ukuhlenga umuntu, cinga umhlengi oqeqeshiwe
n Ungatatazeli uma usenkingeni
n Gwema uphuzo oludakayo uma uzobhukuda
n Ungadli ukudla bese uya emanzini uyobhukuda
n Yazi izinombolo zezimo eziphuthumayo - 082911