IBHODI eligunyaza ukudayiswa kotshwala esifundazweni, iKwaZuluNatal Liquor Authority, lithi ukuphepha kwabantu ezindaweni ezidayisa utshwala yikhona okusemqoka, ngakho kumele kuqinisekiswe ukuthi yonke imigomo eqinisekisa ukuphepha kwabo iyalandelwa.
Lokhu kuza emva kokuthi izikhulu zaleli bhodi ngokubambisana namaphoyisa, begasele ezindaweni zokucima ukoma eMpangeni, ngenhloso yokuqwashisa ngokuphepha kulezi zindawo njengoba kuqala amaholidi kaKhisimusi.
Obambe njengesikhulu esiphezulu kuleli bhodi, uMnuz Bheki Mbanjwa, uthe ukuqwashisa ngokuphepha, kulandela izigameko ezingezinhle ebezilokhu zibikwa ezenzeka ezindaweni zokucima ukoma, ezinye eziholele ekulahlekeni kwempilo.
“Sikhethe ukuthi sizilungiselele ngokuthi sibheke ukulandelwa kwezindlela zokuphepha kulezi zindawo. Inhloso yethu bekuwukukhuluma nabanezimvume zokudayisa utshwala okuzosiza kakhulu isifundazwe ukubhekana nesihlava sodlame kulezi zindawo. Kumele sikuqonde ukuthi impilo yomthengi ibalulekile kumdayisi wotshwala, ngakho uma ilahleka, abeLiquor Authority, kumele baneliseke ukuthi bekulandelwe zonke izindlela ukuqinisekisa ukuphepha kwabathengi,” kusho uMbanjwa.
Uthe leli bhodi linenselelo yokuqinisekisa ukuthi zonke izindawo zokudayisa utshwala ezinezimvume, zifaka okuthile emnothweni wakuleli nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi, ngakho lokhu ngeke kufezeke uma izindawo zokudayiswa zilahlekelwa ilungelo lokuhweba. Uveze ukuthi, isikhathi esiningi, izigameko ezenzeka kulezi zindawo, kungenxa yokungaqini kwezokuphepha.Kuqala lo mkhankaso eMpangeni, kuvalwe indawo yokudayisa utshwala engekho emthethweni.
Izindawo ezimbili ezinamalayisensi zihlawuliswe uR2 000 ngayinye ngokuphulwa kwemigomo ethile. Kuphinde kwashaqwa utshwala obungamalitha angu-48 215, kwavalwa nezindawo ezimbili zokugembula ngokungekho emthethweni.
Kuxwayiswa nje, ziningi izigameko zokubulawa kwabantu ezindaweni zokucima ukoma ezenzeke kulo nyaka. Phakathi kwezigameko ezishiywe kukhalwa, ngesenzeke e-Orlando East, eSoweto, eGauteng, lapho kubulawe khona abangu-15 ngobusuku obubodwa abebephuza eNomzamo Tarven ngoJulayi, okwavela ukuthi abangu-13 kubona bangabaseMzimkhulu, KwaZulu-Natal.
Ngempelasonto efanayo, kubulawe abane eSamkelisiwe Tarven, eMgungundlovu, kwathi inqwaba yangeniswa esibhedlela.