KUGQAME ukushayisana kobufakazi ezitatimendeni zababesendlini, lapho bechaza khona abasolwa abangena endlini ngezindlela ezingafani kwelokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi kuqhubeka ukuphoswa ngemibuzo komphenyi omkhulu kuleli cala, uBrigadier Bongani Gininda, ngu-Advocate Charles Mnisi, ongummeli kammangalelwa wesithathu, uMthobisi Mncube.
UMnisi uthe kuyamangaza ukuthi kunokushayisana uma kuchazwa ukuthi abasolwa babenjani.
Uqhube wathi umculi ongunina wengane kaMeyiwa, uKelly Khumalo, wathi wabona izinyo legolide komunye wabasolwa.
UGininda uphendule ngelithi indaba yezinyo legolide, uKelly wagcina eyihoxisile esitatimendeni.
“Indlu yakwaKhumalo kuthiwa yayincane, uma uphuma endlini yokugeza, uzithola ususekhishini. Abantu ababesendlini babebukana ebusweni nabasolwa, kwakufanele bangabi nezincazelo ezehlukene uma bechaza abasolwa,” kusho uMnisi.
Ubuye wabuza ngokuchaza kukaKelly ngesibhamu esiyivolovolo, elidala elimnyama kuNkk Steinkamp.
“Ngesikhathi uphenya, uhlanganile yini nolwazi olwalungaholela ekutheni uKelly abe nolwazi lokuthi ukhuluma ngani uma ekhuluma ngevolovolo?” kusho uMnisi.
UGininda uthe esitatimendeni sakhe uKelly esisayiniwe, akasho lutho ngevolovolo.
“Okwesibili, emva kwesikhathi kwabonakala ukuthi kwayena uwumuntu okufanele simbhekisise, okusho ukuthi akushoyo kufanele kube seceleni, ikakhulukazi uma sekuvela ukuthi ungomunye wabasolwa ngecala. Wayengesiye nje ufakazi ojwayelekile,” kusho uGininda.
Uqhube wathi okunye, uKelly akanazincwadi zesibhamu, okusho ukuthi akazi lutho ngazo, ngeke achaze kahle ngaso.
Uthe okunye okwavela ukuthi kushiya imibuzo kwakusho akabange esakulandelela emva kokuvela ukuthi kukhona ukuxhumana okwaba khona phakathi kwakhe nofakazi.