UMASIPALA wasoThukela unxusa umphakathi owakhele lo masipala ukuthi ubilise amanzi ozowaphuza emva kokutholakala kwegciwane i-E. coli esikhungweni esiphehla amanzi.
Umphakathi othintekayo owaseColenso, Winterton naseBergville
UMnuz Siyabonga Masoka oyimenenja yezinhlelo ezenziwa umasipala, uthe umasipala uhlole ukuphepha kwamanzi esikhungweni sawo emva kokutholakala kwenqwaba yezinhlanzi ezifile emseleni wamanzi eBergville. Uthe ukuhlolwa kwamanzi ngoMsombuluko kuveze ukuthi kunezinsalela ze-E. coli esikhungweni esihlanza amanzi esiseColenso naseBergville.
Ethintwa izolo mayelana nokuthi ngabe umasipala awukakwenzi yini okunye ukuhlolwa, uthe: "Isixwayiso sokuthi umphakathi ubilise amanzi ozowaphuza sizoqhubeka kuze kube umasipala wenelisekile ngokuhlanzeka kwamanzi okungabeka impilo yezakhamizi engcupheni. Ngizokuthinta uma sengithole okusha,"
Ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ethi kumisiwe ukuphakelwa kwamanzi esuka ezikhungweni zokuhlanza ezithintekile eya emachibini aseZwelisha, eLangkloof naseBergville.
Lo masipala ungowesibili obike ngamanzi angahlanzekile ngenxa yegciwane i-E. coli emasontweni amathathu.
Ekuqaleni kwenyanga edlule isikhungo esihlola ukuphepha kwamanzi i-Institute for Water and Wastewater Technology (IWWT), esiseDurban University of Technology (DUT) sakhomba amabhishi angu-11 aseThekwini njengangahlanzekile ngoba kwatholakala izinsalela ze-E. coli ngesikhathi ehlolwa.
Usolwazi Faizal Bux, we-IWWT, wathi lesi sikhungo njalo uma kungamaholidi sihlola ukuphepha kwamanzi ukuze siqinisekise ukuphepha komphakathi owasebenzisayo.
Wathi okukhathazayo ukuthi imiphumela yokuhlolwa kwamanzi atholakala emlonyeni womfula uMgeni isihlale iveza ukuthi amanzi akhona ane-E. coli.