KUZOFANELE bazibambe ziqine abantu baseNingizimu Afrika uma befuna ukubhekana nesimo somnotho esinzima ngonyaka ozayo.
Lesi yisexwayiso sikhishwe yisazi sezomnotho, uMnuz Sanele Gumede, ozinze e-UKZN.
UGumede uthe njengoba unyaka ka-2022 ubenzima kubathengi, abahamba ngezimoto nabanezikweleti emabhange nasezitolo, akasiboni lesi simo sishintsha ngonyaka ozayo.
Uthe intengo kaphethroli, imalimboleko namanani okudla, akakuboni kwehla, kunalokho ukubona kunyuka.
Uthe uma ebheka indlela uphethroli, imalimboleko nokwenyuka kokudla okwenzeke ngayo nonyaka, mancane amathuba okuthi lezi zinto zehle ngonyaka ozayo.
“Kuphakathi kokuthi amanani alezi zinto azoqhubeka ame lapho ekhona njengamanje, noma anyuke kakhulu kunalokhu ayikho njengamanye,” kusho uGumede.
Uthe lokhu ukusho ngoba isimo somnotho siyantengantenga umhlaba wonke.
Ubalule nokuthi okunye okulokhu kuqhubekile nokuba nomthelela ekuntengeni komnotho emazweni ngamazwe yimpi eqhubekayo phakathi kwe-Ukraine neRussia, okungabukeki izophela maduze.
Ubalule nokuthi ukungashintshi kobuholi bukahulumeni obusayo emva kwengqungquthela ye-ANC ebiseNasrec maphakathi nale nyanga, nakho kusho ukuthi zincane izinguquko abantu okufanele bazilindele ngonyaka ozayo.
“Njengoba kuphinde kwabuya umengameli obevele ekhona, lokho kusho ukuthi kuncane kakhulu esingakulindela ukuthi kushintshe kwinqubomgomo yezomnotho,” kusho uGumede.
Uthe okungenziwa abantu ukuthi bazame ukuthola ezinye izindlela zokungenisa imali, bangathembeli emholweni kuphela.
“Sibonile imiholo yezisebenzi zikahulumeni yenyuswa ngo-3% kuphela, nezinkampani ezizimele nazo ziyenyuse ngemali ethi ayifane ngakho abantu bazokuthola kunzima ukuphila ngemali yomholo kuphela,” kusho yena.
Uthe abanezindawo ezincane emva kwezindlu zabo, sifikile isikhathi sokuthi benze izingadi ezincane, batshale izinto ezifana nemifino.
“Ngokwenza lokhu, bazogwema ukuthi bakhiphe imali ethe xaxa beyothenga imifino ezitolo, kodwa bayikhe ezingadini zabo, bonge amasenti amancane,” kusho uGumede.
Uthe labo abajwayele ukuvala izikweleti ngezinye, noma abakhonze ukuthatha ezinye ezintsha, isimo somnotho izwe elibhekene naso njengamanje asikuvumeli lokho.
“Abantu kuzodinga balekela ukuphila ngezikweleti, ngale kwalokho bazobhekana nobunzima obuphindaphindiwe,” kusho uGumede.