Amaphoyisa asebophe abasolwa abangu-75 000 ngamacala ehlukene kusukela kuqale umkhakhaso wokuphepha ngamaholidi oqale ngo-Okthoba 15. Ekhuluma eMargate namuhla uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele uveze ukuthi kulaba ababoshiwe kukhona abasolwa abangu-560 abasolwa ngamacala okubulala, abangu-640 ababoshelwe amacala okuzama ukubulala. Amaphoyisa abophe abasolwa abangu-470 ngamacala okudlwengula kanye nabangu-6700 abasolwa ngokushaya ngenhloso yokulimaza kanye nababalelwa ku-5 000 abasolwa ngokushaya. Kuboshwe abasolwa abangu-408 abagqekeze izindawo zamabhizinisi.
Abangu-561 baboshelwe ukutholwa nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Ngalesi sikhathi kubuye kwaboshwa abangenazo izimvume zokuba kuleli abangu-11 000 kanti kuyimanje kwenziwa imizamo yokuthi babuyiselwe emazweni abo. .
UCele uthe yize bevuma ukuthi isikhathi samaholisi esokujabula nemicimbi kodwa iyethusa indlela abanye abashayeli abasakhetha ngayo ukuphuza bese beyashayela. Uthe amaphoyisa asebophe abashayeni abaphuzile abangu-4 488 kusuka ngo-Okthoba 15.
Kusuka ngo-Disemba 22, sekuboshwe abantu abangu-2 500 abatholwe bephuza esidlangalaleli ezindaweni ezehlukene kuleli. Abangu-850 baboshelwe ukuthi baphuzile futhi sebeziphethe ngendlela engamukelekile ezindaweni zomphakathi.
UCele uthe amaphoyisa azoyiqala ngelokhozi eyokudlonywa ngokweqile kotshwala, obusalokhu buholela ezigamekweni zobugebengu ikakhulukazi ubugebengu obuhlanganisa obokuthintana kwabantu.
UCele uxwayise abadayisa utshwala ngokungekho emthethweni, wathi abenza lokhu bazothathelwa utshwala bese beyaboshwa. Uthe kuze kube yimanje emuva kokuhlola indlela okusebenza ngayo izindawo zotshwala bahlawulise ezingu-6 410 ngokungalandeli umthetho. Ezinsukwini ezingu-22 zikaDisemba amaphoyisa abophe abasolwa ngokudayisa utshwala ngokungemthetho abantu-17 844. Uthe amaphoyisa azolokhu ebonakala ezindaweni ezehlukene ukuqapha ubugebengu kanti nezakhamizi ziyanxuswa ukuba zihlale ziqaphile zingazibeki engcupheni yokuba ngabagilwa.