UGXEKE isenzo sabesilisa ababulala izinqandamathe zabo ngesihluku bese bephanyeka ama-video ezinkundleni zokuxhumana uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli.
UNtuli ukhulume kanje ngesikhathi eduduza enkonzweni yomngcwabo kaNksz Nontobeko Cele (25) ehholo lomphakathi iMkakwa eMandawe izolo.
UNksz Cele ubulawe ngesihluku umyeni wakhe uMnuz Sibusiso Lawrence Ntaka (32), naye ogcine ezibulala ngokuzihilela.
UNtuli ubuze umbuzo wokuthi kufikwe kanjani kulesi simo?
“Kukhona okungahambi kahle ebantwini uma bebulala umuntu maqede bafake isidumbu sakhe ezinkundleni zokuxhumana. Uyephi unembeza? Bushonephi ubuntu kanti?” kubuza uNtuli.
Uthe kubuhlungu ukuthi njengoba kusasa kuzobe kugujwa uKhisimusi, okuwusuku lokuphana, uthando, ukuthula nenjabulo kodwa umndeni wakwaCele uzobe uhlezi emanzini.
“Ngeshwa, umndeni wakwaCele nomphakathi wakwaCele, bazolugubha begubuzelwe yifu elimnyama lolu suku. Injabulo izobe ingekho ngenxa yokuthi othandiweyo wabo, uNontobeko, uhambe emhlabeni ngesihluku, ethathwa yisandla somuntu owafunga wagomela ngelinye ilanga ukuthi uyomthanda amvikele kukho konke,’’ kusho uNtuli.
Uthe kuyakhathaza ukuthi ngoDisemba 10 bebehambele esifundeni uGu, okukhona kuso nendawo yaseMzinto, beyokwethula umkhankaso wezinsuku ezingu-365 wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Namuhla sisesifundeni esifanayo, sizobabaza ukubulawa kukaNontobeko ngesihluku, washiya indodakazi yakhe esencane, ezokhula ingasenaye unina,’’ usho kanjena.
Unxuse abasondelene nabagilwa ukuthi bangasongi izandla babukele uma kuvela izimpawu zokuhlukumeza othandweni.
“Ukuba kukhona okwenziwa ngesikhathi kuvela izimpawu zokuhlukumeza, mhlawumbe uNontobeko ngabe usaphila. Mhlawumbe ubezowugubha nathi lo Khisimusi ukuba kukhona okwenziwa ukumhlenga ekuhlukunyezweni okuthiwa ubebhekene nakho,’’ kusho uNtuli.
Uphinde wanxusa nabahlukunyezwayo othandweni, wathi abangapholisi maseko, abaphume besaphila, ukugwema ukuthi baphume ngebhokisi.
Induna yendawo, uMnuz Delani Ntobela ithe sesifikile isikhathi sokuthi umphakathi uvume ukuthi kukhona okonakele futhi okudinga ukulungiswa masinyane.
“Kuyabonakala ukuthi inkinga ikhona futhi inkulu. Thina sikhula, bekuthiwa ngeke umbeke isandla umuntu wesifazane ngoba umakoti akusiye owakho, owamakhehla. Ngisho kungathiwa wenze iphutha elinjani,” kusho uNtobela.
Uthe umuntu owenza nje, usuke ekhombisa ukuthi ngisho noma ngabe ubezophila, ubengathi uma ebhekana nezinkinga emshadweni wakhe angabi namandla okuzithwala.
OwayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Bheki Cele obehleli nomndeni usukume wathi, uke wayithi fahla emndenini kamufi eyokuthi akumele ishiywe ilenga eyengane yabafi, okuvele ukuthi unina ubulawelwe ukuthi ibinomunye uyise kokunye abulawelwe kona.
“Kufanele le mindeni yomibili ihlanganiswe, ilungiswe le ndaba ngoba kuzothi kusuka, zibe zifika kuyona lezi zindaba bese zidala umonakalo omkhulu kakhulu,” kusho uCele.
Bekunzima kuzo zonke izihlobo zikamufi, bezisukuma zisho amabili, amathathu, zixakwe yizinyembezi, zihlale phansi.
Undunankulu ubabaza eyokubulawa kwabantu kunekwe ezinkundleni zokuxhumana nje, yinto ebingaqali ukubonakala ngoNtaka.
Iphoyisa likaMasipala weTheku, uConstable Sizwe Ngema (27) laba sematheni ngoMashi ngesikhathi “libulala“ intombi yalo ngesihluku, uConstable Bianca Khuzwayo (24) lase linameka imizuzu yakhe yokugcina ezinkundleni zokuxhumana.
Kwi-vidoe eyathusa wonke umuntu, uConst Khuzwayo wayebonakala ephuma igazi ngamakhala nangomlomo, nasesifubeni ebomvu tebhu yigazi.
NoNtaka wenze okufanayo, egwaza, ebulala ingoduso yakhe uNksz Cele, maqede naye wazikhunga.
Ngaphambi kokuba azilengise uNtaka, ugonyuluke ngathe kuholele ekutheni abulale uNksz Cele. Lokhu ukwenze nge-video ayifake kwi-Facebook.
Ubonakala emanaphanapha yigazi ebusweni, ehefuzela ethi “nizothi nginesihluku...“ bese kuthi ngasekupheleni kwayo, aveze uNksz Cele edindilizile, enamanxeba entanyeni.