UNGQONGQOSHE wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana noMphakathi, uMnuz Sipho Hlomuka ugqugquzela amalungu omphakathi ukuthi axhumane nomnyango wakhe uma engenelisekile ngomsebenzi wamaphoyisa. UHlomuka usho kanje egxeka ukungakhombisi ukuzinikela okukhonjiswe wumphenyi wecala likasomabhizinisi obegqekezelwe indawo yebhizinisi, kwebiwa izimpahla.
Esitatimendeni, uHlomuka uthe ngoNovemba 1, kugqekezwe indawo yebhizinisi kaMnuz Sthembiso Sithole, eTaylors Halt kwebiwa umshini wakhe, i-airtime kaR2000 nezinye izinto. Lo somabhizinisi uthe uvule icala kodwa kuze kube namuhla akakaze asizakale. UHlomuka uthe ngokwemibiko, amalungu eCommunity Policing Forum namalungu omphakathi ancinzwa indlebe ukuthi izimpahla ezebiwe zikuphi , babe sebebikela iziphathimandla, kodwa akukaze kuboshwe muntu kuze kube yimanje.
UHlomuka usejube abasebenzi bomnyango wakhe ukuthi balulandele udaba. “Sinomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi amaphoyisa awenza ngendlela umsebenzi wokuqinikelela ukuthi umthetho uyalandelwa. Kuyaphoxa ukuthi umphenyi angakhombisa ukunganaki kangaka ngesifungo asithatha, sokuthi enze isiqiniseko zokulandelwa komthetho,’ kusho yena.
Uthe ukuqapha ukusebenza kwamaphoyisa kuwumsebenzi wabo, bewumnyango ngeke baze baphumule kuze kube uSithole uyabuthola ubulungiswa futhi abathinteka ekugqekezweni kwebhizinisi lakhe bayaboshwa, babhekane nomthetho. UHlomuka ugqugquzele amalungu wonke omphakathi ukuthi axhumane nabasebenzi bomnyango wakhe uma bezizwa bengenelisekile ngomsebenzi owenziwa ngamaphoyisa, kunoma yisiphi isiteshi esifundazweni.