AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal, anxusa noma ngubani onolwazi ngokubulawa kwabantu abayisithupha, abadutshulwe ngoLwesihlanu ebusuku, emijondolo yaseClermont.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Jay Naicker, uthi amadoda ayisikhombisa abehleli endlini ngesikhathi kuba nomuntu ovulela ngenhlamvu kuwona oyedwa walimala kodwa wasinda.
“Kuvulwe amacala okubulala nokuzama ukubulala, amaphoyisa ayaphenya kodwa sinxusa ukuthi uma kukhona onolwazi alekelele ukuze kubanjwe abenzi bobubi. Udaba luphenywa yithimba lobugebengu obuhleliwe elivela ehhovisi lesifundazwe,’’ kusho uBrigadier Naicker.
Uthe isimo sikhathaza ngisho uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, othe kufanele bajahwe batholakale ngokushesha abenze bobubi. Uthe noma ngabe kwenzenjani kodwa akufanele kube khona umuntu obulawayo.
Khonamanjalo kushone elayizolo sisikhulu isililo ngokubulawa kukaMnuz Muzi Manyathi, oyiPhini likaSihlalo we-ANC esifundeni, iGert Sibande eMpumalanga. Amaphoyisa aseMpumalanga, athi uManyathi uhlaselwe ngamadoda abehamba ngemoto enezinombolo zaseGauteng, egaraji likaphethiloli.
Kuthiwa indoda emdubulile isondele kuye yamshaya ngenhlamvu iphindelela yase ingena emotweni yabaleka. Amaphoyisa athi imoto esolakalayo itholakale ilaxazwe ngasedamini thizeni.