NKOSIKHONA CELE
KUFUFUSA udlame oDidini, eMbumbulu, ngenxa yesihlava esesiphenduke insakavukela kule ndawo sokwebiwa kwezinkomo ebese ziyahlinzwa.
Ngesonto eledlule nje lilodwa, Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi zingu-30 izinkomo ezebiwe emizini eyehlukene, zonke zitholakale zihlinziwe endaweni ebizwa ngokuthi isesilaheni.
Kuvela ukuthi le ndawo isiqanjwe kanje ngoba zonke izinkomo ezebiwe zitholakala sezihlinziwe kuyona le ndawo.
Isolezwe Ngempelasonto linane-vidiyo lapho khona okubonakala amalungu omphakathi esecosha inyama yezinkomo ezihlinziwe esilaheni.
Amalungu omphakathi ayizisulu zalokhu akhulume neSolezwe Ngempelasonto, azwakalisa ukunengeka okukhulu ngalesi sihlava.
UMnuz Samson Shezi uveze ukuthi emzini wakhe kwebizwe izinkomo eziyisithupha.
"Zonke izinkomo zami ngizithole sezihlinziwe lapho okuhlinzelwa khona ezinye ezisuke zebiwe. Le nto iyangicasula angifuni ukuqamba amanga. Uma kuqhubeka kanje luzobuya udlame lapha eMbumbulu,'' usho kanje.
Uthi akuqondakali ukuthi kanti zisuke zebiwelwani uma zizohlinzwa zishiywe kanjalo, kungathathwa naleyo nyama.
UNksz Sindi Phahla uveze ukuthi kubo bangena beba izinkomo ekubeni kwakunesifo.
Uthe namanje basazibuza bayaziphendula ukuthi obani laba abanesibindi esingaka sokuthi bangene emzini okunesifo kusona maqede bebe imfuyo?
''Sididekile namanje asisazi ukuthi senze njani. Uyabona laba abangene ekhaya ekubeni kunesifo impela banesibindi,'' usho kanje.
Elinye ilungu lomphakathi elicele ukuba ligodlwe igama lalo liqinisekisile ukuthi kungekudala kuzosuka udungunyane kule ndawo.
"Ngiyakutshela mina lukhulu udlame oluzayo lapha eMbumbulu. Sikhathele manje ngeke phela size sidlale abantu bedlala ngemfuyo yethu,'' usho kanje sakusonga.
UMnuz Zwakele Zondi owebelwe izinkomo ezine ufunge wagomela wathi buzochitheka bugayiwe.
“’Angeke kulunge phela sidlale abanye abafana. Impela bayisukelile inyoka emgodini wayo,’’ usho kanje.
Bonke laba ababelwe imfuyo bathi ababikanga emaphoyiseni ngalokho, kodwa babika enduneni yendawo, uMnuz Simphiwe Msweli.
Ngebhadi leli phephandaba lithe lizama ukuxhumana naye ngalezi zinsolo, kwavela ukuthi ubulewe ngenyanga edlule.
Kunezinsolo zokuthi ukubulawa kwakhe kuyahambisana nalo mkhuba odlangile.
Kuvela ukuthi umufi wabiza umhlangano womphakathi ngoJanuwari, ukuzobhunga kabanzi ngale ngwadla.
Kuthiwa umufi wathi uyabazi abantu abeba izinkomo, kwathi uma kuthiwa akabadalule wangakwenza lokho.
"Amadoda endawo ayehambele loyo mhlangano aphuma ecasukile awuduba nomhlangano. Uyabona-ke ukuthi uma sekubulewe induna ngenxa yalokhu lungakanani ke udlame olufufusayo kule ndawo?'' usho kanje.
Imizamo yokuxhumana nekhansela lakule ndawo, uMnuz Ayanda Ndlovu, iphunzile ucingo belukhala kodwa lungaphendulwa.