KUGCINE kuphuma izinsongo abaholi bamaqembu ezepolitiki beqophisana ngenkulumo eyethulwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Abaholi bamaqembu ezepolitiki bathembisane ukukhiphana inkani okhethweni oluzayo ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano esiShayamthetho, izolo.
Impikiswano ibibizelwe ukuzodingida inkulumo eyethulwe nguNkk Dube-Ncube, ngoLwesithathu.
Abamaqembu aphikisayo bathe i-ANC angeke isiphathe isifundazwe iKwaZulu-Natal emva kokhetho lwangoMeyi, omunye umholi waze wasabisa i-ANC ngeqembu elikhankaselwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, uMkhonto weSizwe.
Abaholi be-ANC bona bathe bayazikhohlisa labo abacabanga ukuthi i-ANC izophuma emandleni.
Abaholi bamaqembu aphikisayo basole uNkk Dube-Ncube ngokwahluleka ukukhuluma ngezinkinga ezikhungethe abantu baKwaZulu-Natal ngesikhathi ethula inkulumo yakhe.
Umholi we-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Blessed Gwala, uthe inkulumo kaNkk Dube-Ncube ibigcwele izethembiso ezingeke zifezwe.
“Izigidi zabantu ziyahlupheka, zithembele kwizibonelelo zikahulumeni. Abantu abasebenzi kodwa i-ANC ihlezi ikhuluma ngokudalwa kwamathuba emisebenzi. Abantu bakhathele i-ANC futhi bayidinelwe. I-ANC izophuma emandleni lapha KwaZulu-Natal. Sekuyisikhathi sokuthi kukhethwe abaholi abazoyisa iKwaZulu-Natal phambili.”
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe kuyamangaza ukuthi uNkk Dube-Ncube ukhethe ukungasho lutho ngenkinga yamanzi ekhungethe uMasipala waseThekwini.
“Ayikho into ebambekayo eshiwo uNkk Dube-Ncube. Odabeni lokwakhiwa kwesigodlo esisha seSilo, akazange asho ukuthi imali isikhona yini. Kuyacaca ukuthi ubefuna amavoti. Phela inhlangano yakhe ibhekene nengwadla yokwehlelwa isibalo sabantu abayivotelayo. Mina engingakusho ukuthi ngoMeyi 29, kuyiwa evotini, noMkhonto weSizwe nawo uzokube ukhona. Azidedelwe.”
Umholi we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala, ugxeke ukuqiniswa kwezokuphepha ngesikhathi uNkk Dube-Ncube ethula inkulumo yakhe.
Ngonyaka owedlule, amalungu e-EFF akhishwa ngoshova ngesikhathi ezama ukuphazamisa inkulumo kaNkk Dube-Ncube.
“Ngabe imalini emoshwe lapha kuqiniswa ezokuphepha? Besikuphi isidingo salokho? Yonke into uNkk Dube-Ncube ayithembisile ngeke ize ifezeke ngoba vele i-ANC ayibuyi, sizokwakha uhulumeni omusha emva kokhetho.”
Umholi we-NFP KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, uthe inkulumo kaNkk Dube-Ncube yenze kwabukeka sengathi konke kuhamba kahle esifundazweni.
Usihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe i-ANC isazoqhubeka nokuphatha iKwaZulu-Natal.
“Ukhongolose uyabuya, abantu bawuthembile.”
UDuma uthe kuningi okwenziwe yi-ANC KwaZulu-Natal, wathi omasipala abangaphansi kwe-IFP ne-DA bayehluleka ukuhambisa izidingo.