UKUBAMBISANA kwabasebenzi nokubeka umsebenzi phambili - ngisho nasezimweni zomkhakha wobuntatheli zingelula - yizona zinto ezibe wukhiye wempumelelo wentandokazi yephephandaba Isolezwe, ebeligubha umlando wokuba nabalandeli abangu-1.5 million kwiFacebook.
Leli phephandaba ligubhe neminyaka ewu-23 lasungulwa.
Lokho kushiwo ngumhleli waleli phephanda lesiZulu elihamba phambili eNingizimu Afrika, uMnuz Thulani Mbatha, ngesikhathi ethula inkulumo yokubonga nokujabulela umlando oqophekile, emahhovisi okusebenza aleli phephandaba aseGreyville, eThekwini, izolo.
UMbatha uthe lesi sigaba okufikwe kusona siyinkomba yokuthi ukusebenza kanzima kuzala impumelelo, ikakhulu kulesi sikhathi lapho ziningi izinselelo ezibhekene nemboni yobuntatheli okuhlupha kakhulu emkhakheni wamaphephandaba.
“Ngiyobe angenzi ubulungiswa uma ngingancomi abasebenzi baleli phephandaba, abahlale bezikhandla njalo ukuqinisekisa ukuthi iphephandaba lethu liya phambili, nakuba kubuye kube nezinselelo nezimo zokusebenza ezenza ukusebenza kwethu kungahlale kumnandi, kepha lokhu okwenzeka lana manje kukhomba ukuthi kukude lapho esizoqhubeka siye khona uma siqhubeka nokuzimisela emsebenzini esiwenzayo,” kusho uMbatha.
Omunye wababeyingxenye yethimba elalikhona kusungulwa Isolezwe ngo-Ephreli 8 wango-2002, uMnuz Mazwi Xaba, naye uhambe emazwini kaMbatha kwelokuthi lesi sigaba leli phephandaba eselifike kusona manje akubanga wuhambo olulula nobelunoshukela njengalobhazabhaza wekhekhe onikezelwe yiReddy’s Bakery, ukufakazela umsebenzi omuhle ofeziwe ukufika lapho okukhona manje, njengoba ziningi izinselelo eziphazamisayo.
“Sifisa ukuthi lo msebenzi uqhubeke uye phambili njalo futhi ube yisiqalo sezinye izinto eziningi ezinhle ezizokwenzeka futhi zifezwe yileli phephanda kubhekwe phambili. Yisigaba okumele sizijabulele kakhulu lesi futhi siziqhenye ngokuthi sesifike kusona,” kusho uXaba.
Ngaphandle kwa-Facebook; Isolezwe likhona nakwezinye izinkundla zokuxhumana, kanti litholakala ezitolo ezahlukene nsukuzonke ngeSolezwe laphakathi nezinsuku eliphuma ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
KunengeMpelasonto elidayisa ngoMgqibelo nangeSonto. Izindaba zephephandaba ziyatholakala futhi ku-www.isolezwe.co.za