INCWADI yemeya yaseNdumeni esanda kushiya iveza ukuthi i-IFP yagwazela iDA ngezizumbulu ukuze ivote nayo kulo mkhandlu okungekho qembu elathola izihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela
Incwadi ebhalwe uMnuz Siyabonga Ndlovu, oshiye kwesobumeya eNdumeni ngeyedlule, iveza ukuthi i-IFP yagwazela iDA kwaze kwaba izikhawu ezimbili ukuze iqhubeke nokuyeseka.
Nokho abaholi be-IFP nabeDA bathe abazi lutho ngemali uNdlovu athi yakhokhwa.
UNdlovu ushiye isikhundla emva kokuthi iDA ifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
Esiphakamisweni sayo iDA yakhala ngokuthi uNdlovu akawazi umsebenzi, yathi uyalova noma ahuqe ubuthongo emihlanganweni yomkhandlu.
Kepha uNdlovu uthe iDA ifake le siphakamiso ngenxa yokuthi ibifuna ukuphinde igwazelwe.
Ukusho lokhu encwadini ebhekiswe esigungwini esiphezulu se-IFP nasekomitini elijuba abaholi ezikhundleni kanye nelilusa abaholi abajutshwe ezikhundleni.
Kule ncwadi ebonwe yiSolezwe, uNdlovu uthe i-IFP yanikeza iDA uR100 000 ngo-2022, yaphinde yayinikeza uR120 000 ngo-2023.
“Ngiyazi ukuthi bafuna enye imali. Iqiniso ukuthi anginayo leyo mali, umkhandlu awunayo imali, ne-IFP ayinayo leyo mali.”
UNdlovu uthe kwashaqisa ukuthi iDA ifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe, wathi ngesikhathi kuphethe yena izinhlelo zentuthuko eziningi zenzeke ewadini ephethwe iDA.
UNdlovu ukhale ngokuboshelwa amanqina enyathi abaholi be-IFP athe wayebanga nabo isikhundla sobumeya, abanye wathi bacasulwa ukuthi wanqaba ukuqasha izihlobo zabo.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe abazi lutho ngemali uNdlovu athi yanikezwa iDA.
“Mhlawumbe uNdlovu uyena okufanele achaze ukuthi wayeyithathephi le mali nokuthi wayinika bani. Thina asikaze simthume.”
UHlengwa uthe kuzoba nomhlangano wesigungu esiphezulu ngoMsombuluko, wathi mhlawumbe bazoxoxa ngencwadi kaNdlovu.
“Ngokwesivumelwabo sokusebenzisana namanye amaqembu, ayikho into ekhuluma ngokunikezana imali.”
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe abazi lutho ngemali uNdlovu athi yanikezwa iDA.
URodgers unxuse uNdlovu ukuba avule icala emaphoyiseni uma enobufakazi.
“Nathi sizovula icala emaphoyiseni uma sithola ubufakazi. Asikho isivumelwano esithi i-IFP kufanele isikhokhele imali ukuze sivote nayo eNdumeni.”
Unobhala we-ANC esifundeni Inkosi Bhambatha, uMnuz Lucky Khumalo, uthe okuqukethwe incwadi kaNdlovu kukhombisa ngokusobala ukuthi i-IFP neDA bakhohlakele.
“I-IFP yenza noma yini ukuze ingaphumi emandleni. Manje sesiyabona ukuthi kungani iDA isijikele umuntu ebihlezi imvikela. Iyona ebihlezi ivikela lo Ndlovu, kodwa namhlanje isithi akawazi umsebenzi.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNdlovu ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni.