Ukusibonda usishiye nephini:
Yini ebondwayo? Yisijingi. Iphini yinduku ebazwe yaba yisixebeledu ngakwelinye icala esetshenziswa ukubonda noma ukugovuza ukuze kungashi okuphekiwe.
Lesi sisho sichaza ukuthi umuntu oxabanisa abantu ngezinkulumo zakhe ugcina ebashiya kanjalo belwa yena engasaxhumi lapho. Uma kuthiwa ushiye iphini kuqondwe ukuthi ushiye kanjalo engawahoxisanga amazwi akhe noma akaxazululanga.
Ukuhluba udlubu ekhasini:
Izindlubu wuhlobo lokudla okusanhlamvu njengobhontshisi. Uma lulunye kuthiwa wudlubu. Ukuze izindlubu ziphekeke kahle kumele zihlutshwe amakhasi, lokho kusho ukuthi kumele kusale udlubu ngalunye lungenakhasi. Luze luhlutshwe ikhasi nje yingoba uma luphekwa nekhasi aluvuthwa kahle luthambe, lugcine lungadleki.
Lesi sisho siqonde ukuthi uzokhuluma iqiniso linjengoba linjalo licace bha njengoba kusuke kuhlutshwa udlubu.