AYAQINA amahlebezi okuthi uNdunankulu kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uzodilizwa esikhundleni.
Kuvela eyokuthi konomkhankaso oshisa phansi wokuketula uButhelezi, kuthiwa kunemihlangano ebanjawo lapho kuthungwa khona itulo lokukhipha uButhelezi esikhundleni.
UButhelezi uvumile ukuthi uyazi ngetulo.
Ngokuthola kweSolezwe sekube nemihlangano emithathu ebihanjelwe abasondelene nesihlalo sobuKhosi bukaZulu, lapho bekuthungwa khona itulo lokugudluza uButhelezi.
Umthombo osondelene nodaba uthe umkhankaso wokugudluza uButhelezi waqala ngo-Agasti.
“Itulo lakhiwa emhlanganweni wokuqala owawungo-Agasti. Kwabuye kwaba sengathi kuyathuleka. Muva nje sekube neminye imihlangano emibili, owakamuva ubukuyona le nyanga, ukhona omunye owaba ngenyanga eyedlule.”
UButhelezi waqokelwa kulesi sikhundla ngonyaka owedlule.
Kulesi sikhathi esifishane uButhelezi enguNdunankulu kaZulu, usebe neziwombe ezishiye abantu bebambe ongezansi.
Isiwombe abantu abangeke basikhohlwe esombango wombhobho esenzeka emcimbini wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.
Kulo mcimbi owawuhanjelwe yiSilo, noMengameli Cyril Ramaphosa, uButhelezi waphucwa umbhobho owayenguMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi ngaleso sikhathi, uMnuz Siboniso Duma futhi onguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal.
Ngalena kwalokho, uButhelezi uke wajikijelana ngamazwi nabaholi be-ANC, okubalwa kubo uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo, nowayengungqongqoshe wezoLimo ngaleso sikhathi, uNkk Thoko Didiza, kubangwa indaba yeNgonyama Trust.
Umthombo uthe kunabaholi bezepolitiki abafuna ukuthi uButhelezi aqindwe amandla. UButhelezi ubuye abe uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
“Ufike ngesivinini emnyangweni wakhe, wamemezela izinhlelo ezimakhela ugazi ikakhulukazi ebuholini bomdabu. Kodwa ngale kwalezo zinhlelo futhi kukhona izinqumo azithathile ezingehlanga kahle kubaholi bamanye amaqembu.”
Muva nje, uButhelezi usanda kuzama ukuthuthela amahhovisi omnyango wakhe oLundi, ayosebenzela esiShayamthetho esidala.
Umcimbi wokuvulwa kwamahhovisi ayezosebenzela kuwo wahlehliswa ngemizuzu yokugcina, wawuzobusiswa yiNgonyama uMisuzulu kaZwelithini.
Ethintwa yiSolezwe, uButhelezi uthe uyazi ngetulo lokumketula kodwa wathi uyaqhubeka nokuthembeka eSilweni.
Okhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu waKwaMinyamanzi, uthe abazi lutho ngetulo lokuketula uButhelezi. Uthe ngokwazi kwakhe akukho ukungahoshelani phakathi kweSilo, noButhelezi.
“NgeSonto eledlule besisemhlanganweni eThekwini, kukhona iSilo naye uButhelezi. NangoLwesibili uButhelezi ubekhona lapha (ngesikhathi umholi wamaNazaretha uNyazilwezulu, ezobusisa isigodlo seSilo) noma esheshe wahamba. ISilo sibikile ukuthi uzosheshe ahambe ngoba kukhona lapho esimthume khona, kwasala (iPhini likaNdunankulu kaZulu, Inkosi Phathisizwe) Chiliza.”