BATHI balala obenyoni uma liyidliva, abantu abahlala emijondolo eCato Crest, eMayville. Abanye basinde ngokulambisa isihlahla esikhulu sisumpuka nezimpande phansi sicekela phansi imijondolo eyisikhombisa kuleya ndawo.
Lesi sigameko senzeke ngezintathakusa zangoMsombuluko, kanti kulimale abantu abahlanu elishone elayizolo abathathu kubo besalashwa esibhedlela.
UNksz Khosana Ntho (28), ongowokudabuka eLesotho, ubesahamba ngamakologo ngesikhathi Isolezwe lihambele kule ndawo. Uthe yena nomyeni wakhe nezingane zabo ezintathu bebelele ngesikhathi bephaphanyiswa umsindo omkhulu wesihlahla siwela emjondolo abahlala kuwo.
“Izingane noyise bakwazile ukuphuma bengena myocu. Mina ngacindezeleka emzimbeni ngaphuma kanzima. Sithathwe yi-ambulensi nabanye omakhelwane abane esilimale nabo kodwa ngelashwa ngadedelwa ngoba bekuwukutubeka, ngingakwazi ukuhamba kahle okuphoqe ukuthi ngihambe ngezinduku,” usho kanje.
Le mijondolo yakhiwe endaweni eyehlelayo, phakathi kwezihlahla eziningi ezinkulu okwenza umphakathi uhlalele ovalweni emva kwalesi sehlo.
Isishoshovu somphakathi kule ndawo uNksz Nokulunga Magobongo oyilungu leqembu i-MK, sithe bafisa ukuthi umasipala ungenelele ukulekelela umphakathi ukuthi kugawulwe izihlahla eziphakathi kwemijondolo ngoba sekukhombisile ukuthi zinobungozi uma kunesimo sezulu esingesihle semvula enamandla ehambisana nomoya.
“Abantu bathukile, bayesaba ngoba izangoma zezulu ziveze ukuthi kuseza enye imvula enamandla. Iningi lezihlahla ezilapha ziyimomela okwenza kube lula ukuthi siwele ezindlini zabantu uma kunesimo sezulu esingesihle,” usho kanje.
UNkk Happy Zulu-Khanyile (73), ohlala yedwa emzini wakhe oseMayville, uthe uthuka izanya uma liyidliva ngenxa yesiza okwakhiwe kuso indlu yakhe esilokhu sidleka kancane ekubeni engesenawo amandla okusilungisa.
“Sengizame kwaza kwaba kahlanu ukulungisa umthangala kodwa kuyadilika. Amandla angisenawo ngoba ngihlala ngedwa futhi kuyacaca ukuthi ngelinye ilanga indlu yami iyoguguleka ngilele, okuyinto engithusayo kakhulu,” usho kanje uNkk Khanyile.
UMasipala weTheku uveze ukuthi phakathi kwezindawo ezithintekile kubalwa iCato Crest, iClairwood, uMlaza naKwaMashu kodwa akekho oshonile.
Ababhekelele isimo sezulu i-South African Weather Service, baveze ukuthi lingase liphenye namuhla.