UMASIPALA waseThekwini uphezu kwezinhlelo zokuqinisa ezokuphepha kanye nokuvula wonke amabhishi avaliwe njengoba amaholidi asehlobo eseseMome.
Umasipala uphezu kwezinhlelo zokuqasha abantu abazosiza ukuqinisa ezokuphepha ngesikhathi samaholidi.
Uphinde ube phezu kwezinhlelo zokuqedela ukulungiswa kwamapayipi okuthuthwa kwendle echithekela olwandle.
UMasipala waseThekwini uthe ulindele izivakashi ezingaphezu kuka-300 000 ngesikhathi samaholidi.
Okhulumela uMasipala waseThekwini, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe basembhidlangweni wokwenza isiqiniseko sokuphepha kwabantu abazohambela kuleli dolobha.
UMayisela uthe uphiko lwamaphoyisa kamasipala lusanda kuqasha abantu abangu-200 abazokuba ingxenye yokuqinisa ezokuphepha kuleli dolobha ngesikhathi samaholidi.
Umasipala uzophinde uqashe abasebenzi besikhashana abangaphezu kuka-500 abazolekelela ngalesi sikhathi.
Kubasebenzi besikhashana abazoqashwa kubalwa abatakuli basolwandle, abazogada izingane emabhishi, abazohlanza idolobha nabanye.
UMayisela uthe balindele ukuthi izindawo zokuvakasha zihlomule kakhulu ngalesi sikhathi.
“Silindele ukuthi izivakashi zisebenzise imali engu-R48 million. Silindele ukuthi kudaleke amathuba emisebenzi esikhashana angu-2 500. Silindele ukuthi ukugcwala ezindaweni zokuvakasha kube ku-75%. Njengamanje ukugcwala ezindaweni ezigudle ulwandle kuku-40% kanti eMhlanga khona kuku-50% kuya ku-55%. Silindele ukuthi kube khona abantu abazobekisa izindawo ngasekupheleni kwale nyanga nasekuqaleni kukaDisemba.”
UMayisela uthe banethemba lokuthi maningi amabhishi azovulwa ngaphambi kokuqala kwamaholidi.
Umasipala usanda kuvula inqwaba yamabhishi abesevalwe isikhathi eside kulandela ukutholakala kwegciwane i-e.coli kuwo, okwenzeka emva kokuthi amapayipi endle achithekela emifuleni echithela olwandle.
Yize amabhishi amaningi esevuliwe, kepha lawo asenyakatho yeTheku abengakavulwa.
UMayisela uthe mkhulu umsebenzi osuwenziwe esiteshini sendle oHlange, okuyiso esiholele ekuvalweni kwamabhishi asenyakatho yeTheku.
Uthe umasipala uyaqhubeka nokulungisa umonakalo esikhungweni esichaphazela amabhishi amaphakathi nedolobha.
Uthe njengamanje abantu bangakwazi ukubhukuda emabhishi afana nePoint, South Beach, North Beach, Addington kanye namanye avuliwe.
UMayisela uthe nemicimbi izobe ithe chithi saka eThekwini ngalesi sikhathi.
Imenenja kamasipala, uMnuz Musa Mbhele, ithembise ukuthi amanzi asemabhishi azolokhu ehlolwa ukuthi ngabe asaphephile yini ngesikhathi samaholidi.
Uthe bazophinde basebenzise ubuchwepheshe bamakhamera ukulwa nobugebengu.