IBHANGE Ithala selithembise ukuthi lizokhipha wonke amangwevu ukuzivikela ekuvalweni kokusebenza kwalo ngemuva kwesiphakamiso sokuthi alimiswe.
Ngakolunye uhlangothi Inkatha Freedom Party (IFP) ibhoka iyakhahlela ngalesi sinyathelo esithatha “njengochuku” kwabasiqhubayo. Iyalele uhulumeni wesifundazwe ukuba uthatha izinyathelo ezisemthethweni ukumisa lesi sinqumo.
Esitatimendeni esikhishwe yi-IFP, leli qembu likhuze umhlola lathi lokhu kufana nokubuyisela emuva intuthuko yabamnyama.
“Ithala lasungulelwa ukubhekela izidingo zabahlwempu abashiywe dengwane amabhange amakhulu. Imizamo yokulivala kufana nokukhomba ngeklwa ukuvikeleka kwezezimali zabamnyama,” kusho isitatimende.
AbeThala bakhiphe isitatimende lapho beveze khona ukuthi bathatha izinyathelo zomthetho ukuzama ukuphikisana nesicelo esifakwe yiBhange Ngodla ngoLwesine, sokuthi livalwe.
Esicelweni esifakwe yiBhange Ngodla eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, kudalulwe ukuthi ukuvalwa kwebhange Ithala kungasiza ukuvikela abantu abangaphezu kuka-257 000 abalondoloze imali yabo kuleli bhange.
Esitatimendeni, Ithala likhale ngokuthi nakuba seliqale ukuxoxisana nabePrudential Authority (PA) ukuze likwazi ukuqhubeka nokusebenza, kodwa iRepayment Administration (RA) iyaqhubeka nekhwelo lokuthi kumiswe ukufakwa nokukhishwa kwemali ebhange labo, elikuchaze ngokuthi kuyisenzo esingenabo ubulungiswa.
“Sekuyizinyanga eziwu-13 kwangenelela abe-RA ukuzama ukulwisana nathi kulolu daba, kodwa nakuba kunjalo sisalokhu siqhubeke njalo nokwenza umsebenzi ngendlela esihlale senza ngayo. Futhi kuze kuze kube yimanje akukaze kutholakale ubufakazi obukhombisa ukuthi kukhona icala esilenzile,” kusho Ithala.
Liqhuba, lithe ikhwelo lokuthi kunqanyulwe ukusebenza kwabo lifika ngesikhathi esibi lapho kuqala unyaka, izakhamuzi zakuleli zilungisela unyaka omusha, futhi kukuningi okubabhekile okudinga imali okuzokwenza baphazamiseke kakhulu uma izinto ziqhubeka ngale ndlela okwenzeka ngayo manje.
“Sesithathe izinyathelo zomthetho ngalolu daba, ukulwisana nekhwelo le-RA, futhi sesixhumene nehhovisi likaNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enock Godongwana, ukuthi kutholakale ezinye izixazululo zesikhashana ukuvumela amakhasimende ethu ukuthatha imali yabo, bayifake kwamanye amabhange kuze kuze wukuthi sekunesinqumo esiphelele,” kusho isitatimende.
Bakhale nangokuthi ukuvalwa kweThala kungabeka engcupheni imisebenzeni elinganiselwa ku-400, futhi kungaba nomthelela omubi kubantu basezindaweni zasemakhaya abathembe bona ukusizwa ngezezimali, kubalwa nokuhola izibonelo zikahulumeni.
I-IFP yexwayise ngokuthi abe-Prudential Authority baphonsa inselelo bayibhekise kuyo. “Uma besibiza udede nathi sesingangabo, asenqeni ukungena ezitaladini. Sizozifikela mathupha emnyango kubo.”