KUPHUME ezishaqisayo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, kuvela ukuthi ikhadi lasebhange likammangalelwa obecela ibheyili ecaleni lokubulawa kwabesifazane ngesihluku, liyaqhubeka nokusebenza ngokujwayelekile yize yena evalelwe ngaphakathi.
Lokhu kuvezwe iMantshi u-Ashwin Singh ngaphambi kokunqaba nebheyili kuMnuz Lungani Mthethwa (31), ongummangalelwa wokuqala ecaleni lokubulawa kukaNksz Anele Mbokazi (29) noNksz Zizipho Gabisa (30) nyakenye.
Izidumbu zabafi, ababedutshulwe ezindaweni ezibucayi zatholwa zidindilize emgwaqweni eKenville ngo-Agasti 25.
Kwaboshwa uMthethwa nomngani wakhe, uMnuz Sandile Chili osephenduke ufakazi woMbuso, amacala akhe ahoxiswa.
Ngesikhathi uSingh enza izethulo zokunqaba nebheyili, ubalule izinto ezimbalwa athe zenza abone ubufakazi, uMthethwa acele ngabo ibheyili, bungaqinile futhi bushiya imibuzo.
USingh ubuye wabalula nokuthi ayikho into ebambekayo uMthethwa ayisho encwadini yakhe efungelwe, ngaphandle kokuthathisela okuningi kokwavezwa uChili ngesikhathi ecela eyakhe ibheyili nyakenye.
“Ikhadi lakho lasebhange, kuvela ukuthi liyaqhubeka nokusebenza yize wena uboshiwe. Kunokungena nokuphuma kwemali kwi-akhawunti yakho okwenzeke wena usuvalelwe. Lokhu kushiya imibuzo yokuthi ngabe lisetshenziswa umuntu ongaphandle onemininingwane yakho noma uwena oneselula ngaphakathi ejele, yikho ukwazi ukwamukela imali ethize, uphinde ukhiphe ethize yize uvalelelwe,” kusho uSingh.
Enza isibonelo uthe ngoNovemba kungene imali engu-R210 000 ebhange likaMthethwa, kwathi ezinsukwini ezimbalwa ingenile leyo mali, u-R100 000 wayo wakhishwa, uthunyelwa komunye umuntu.
“Lokhu kushiya imibuzo uma kuza kokubhalwe encwadini efungelwe, lapho ubalule khona ukuthi ukugqunywa kwakho ngaphakathi (kusathethwa icala), kuyakuthikameza ebhizinisini lakho lokuhweba ngemali njengoba udinga ubuchwepheshe bamaselula ukuze uqhubeke nokuzisebenza,” kusho uSingh.
Ubuye wabalula nokuthi inkantolo ayibutholanga ubufakazi obenele obukhombisa ukuthi izingane eziyisithupha, athe ngezakhe futhi uyazondla, lokho ukwenza ngempela.
“Ezitifiketini zokuzalwa ozilethile, asikho nesisodwa esinegama lakho kuso ukuveza ukuthi zingezakho ngempela. Noma kungathiwa ezakho ngempela kushiya imibuzo ukuthi yini eyayidala ukuthi onina bangabi nayo imininingwane yakho ukuze bayifake ezitifiketini ngesikhathi beyozibhalisa eMnyangweni wezaseKhaya,” usho kanje.
Uthe naye uMthethwa ukuba wayengumuntu ozikhathalele izingane zakhe, wayeyoziyela ngokwakhe emnyangweni, ayofaka imininingwane yakhe njengobaba.
“Esitatimendeni sakho sasebhange, akukho lapho okuvela khona ukuthi uyondla njengoba ushilo encwadini efungelwe,” kusho uSingh.
Okhulumele imindeni yabagilwa ngaphandle kwenkantolo, uMnuz Mvuselelo Magwaza uthe kubajabulisile ukuthi angayitholi ibheyili.
“Siyabona ukuthi njengoba enqatshelwe ibheyili, akubanga yimbobo yenaliti kodwa kube yingcaca,” kusho uMagwaza.
Njengenjwayelo inkantolo ibigcwele phama. Kukhona imindeni, ebebezoyeseka, okukhona kubo nabe-ANCWL.
Ngesikhathi esesukunyisiwe uMthethwa, uSingh ethula isinqumo sakhe, ubebonakala ethe njo kuye, ngethemba lokuthi kuzokwenzeka isimanga, adedelwe ngebheyili. Abebethamele icala bebelokhu benxaphe njalo uma kuvela okubadinayo ngommangalelwa.
Icala lizobuyela ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho selidluliselwe khona.