KAYENYUSWANGA imali eyabelwa iSilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini - ilokhu ime kuR71.344 million esasabelwe wona ngokwedlule.
Isabelo-mali seSilo siphuma ehhovisi likaNdunankulu.
Esithula ehhovisi lakhe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe iqhaza leNdlunkulu kaZulu libalulekile kuhulumeni wentando yabantu.
Uthe Isilo sihlale siseka uhulumeni kanti futhi yisona esigqugquzela ukugcinwa kwesiko.
“Imali elekelela Isilo neNdlunkulu isetshenziswa ukuqhuba imikhosi ibuye isize ekuvuselelweni kwezigodlo,” kusho uZikalala.
Uthe likhulu iqhaza leSilo kuhulumeni. Yiso esivula nesiShayamthetho sesifundazwe, sivule neNdlu yobuHoli boMdabu sengamele nenqwaba yemikhosi okubalwa kuyo owoMhlanga, oWoselwa, owokuKhumbula iLembe, owamaganu, uMkhosi woMama neminye.
“Isilo yisona futhi esigcoba amakhosi aseNdlunkulu,” kusho uZikalala.
UZikalala uthe iRoyal Trust izokwenza umsebenzi wokuvuselela izigodlo eziyisishiyagalombili zeSilo.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe njenge IFP banelisekile ngesabelo-mali esinikwe Omdala.
“Thina sithi imali enikwa Isilo akumele yehliswe, sithi lapho obekuzoba khona imikhosi kumele iguqulwe kancane kodwa isetshenziswe ukuqhuba imikhankaso yokuqwashisa abantu ngobhubhane olukhona oluhlasele emhlabeni. Isilo njengobaba wesizwe yisona okumele senze umsebenzi wokuqwashisa abantu,” kusho uHlabisa.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe ihhovisi likaZikalala kumele lenze isiqiniseko sokuthi iRoyal Trust isebenza ngendlela. “Ngonyaka odlule kwakhishwa uR4 million Isilo siya phesheya kodwa leyo mali yayingasetshenziselwa ukuvuselela izigodlo.”