ISANGOMA sezulu ngaphansi kweSouth African Weather Services (SAWS), uNks Ayanda Nsele, sithi awukho umuga ngemvula kodwa yisikhathi sayo. UNksz Nsele usehhovisi lesimo sezulu elizinze esifundazweni KwaZulu-Natal.
Ushwibe ishoba lenkonkoni wachitha amathambo wathi njengamanje yisikhathi semvula kodwa isuke ibe yimbi ngokuba yimbelesela izinsuku zilandelana.
“Ihlobo yisikhathi semvula nje kusukela kudala kodwa le iyahlupha ngoba ina kulandelana eduze bese idala inkinga. Okunye okuhluphayo wukuthi abantu basuke banganaki, bangalandeli neziyalo zezokuphepha, babodwa abashayela emgwaqweni enamanzi,’’ kusho uNksz Nsele.
Uthe bayanxusa ukuthi abantu balalele iziyalo zezangoma zezulu, bagcine izindlela zezokuphepha. Uthe kufanele abantu bayilindele imvula kuze kuphele isikhathi sehlobo.
“Akuyona nemvula enkulu njalo le enayo kodwa yimvula nje ejwayelekile, okufanele ingasithusi kakhulu. Asikayitholi imvula enkulu kuleli hlobo,’’ kusho uNksz Nsele.