KUKHIHLWE isililo kwanokunengeka ngaphakathi eNkantolo eNkulu yaseThekwini, singaphumi isinqumo ecaleni labamangalelwa abahlanu ababhekene necala lokusoconga abayisiyishiyagalolunye ehostela eGlebelands, eMlaza, ngo-2023.
Abamangalelwa kuleli cala ngoMnuz Bongile Mabele (34), Siyamthemba Zintenteni Mthwana (32), Nkosayikhethi Njeya (35), Bongani Patrick Mboyiyana (38), noMnuz Sibusiso Mkhonde ( 41) bonke ababehlala ngaphakathi kuleli hostela.
Kuvela ukuthi laba badubula babulala oMnuz Phakamani Lukhozi, Thamsanqa Helman Shongwe, Mpilo Christopher Khumalo, Lungani Sikobi, Yandisa Ennox Msungubali, Nkululeko Freedom Lukhozi, Bongani Petros Mkane, Mxolisi Comfort Mthethwa noMnuz Mandla Bhodloza Mncaka.
Kuthiwa abafi basocongwa behlezi ndawonye ngobusuku bangoJuni 2, 2023 eBlock 57 kulona leli hostela.
Abamangalelwa babekwe amacala ayisishiyagalolunye okubulala kanjalo namane okuzama ukubulala nawokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Bonke bangaphakathi njengoba inkantolo ngaphambilini yazichitha izicelo zabo zebheyili.
Ababebulawa, kuhlaluke ukuthi babedutshulwa ekhanda, entanyeni nasesifubeni.
Bonke laba kuvela ukuthi umnyombo wokubulawa kwabo kwakuwumbango wemibhede owawudla lubi eGlebelands bengakaboshwa abamangalelwa.
Kuvela ukuthi abamangalelwa babekhipha abathile emibhedeni yabo ngodli, bese befaka abangani babo. Kuthiwa abamangalelwa babekade bekhokhelwa u-R6 000 umbhede ngamunye.
Izolo bekukade kulindeleke ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo ngokuthi laba liyabalahla noma liyabathetha icala.
Kodwa kunalokho, kuvele kwasukuma ummeli wabo, u-Advocate J. Walmaraas, watshela iJaji uMasipa ukuthi angeke esakwazi ukuthi aqhubeke nokumela laba ngoba sebekhala ngokuphundleka ephaketheni, bathi kabasenayo imali yokumkhokhela.
"Nkosi yeNkantolo ngizocela ukuthi ungikhulule kuleli cala ngenxa yokuthi ngeke ngisakwazi ukubamela ngenxa yokuthi kabasenayo imali yokungikhokhela. Ngenxa yalokho ngeke ngisakwazi ukuthi ngibe yingxenye yaleli cala,'' usho kanjena.
Kuthe esanda kuqeda ukukhuluma kwase kungena umshushisi, u-Advocate Singh obezwakala egcwele intukuthelo.
"Nkosi yeNkantolo lawa ngamaqhinga nje abamangalelwa okulibazisa leli cala. Yini edala ukuthi bafune ukuzohoxisa ummeli wabo icala selize lafinyelela kulesi sigaba? Angivumi ukuthi lokhu kwenzeke namhlanje,'' usho kanjena.
Uqhubekile umshushisi wathi akumele izimo ezinjengalezi zivunyelwe ukuba zenzeke emacaleni abucayi njengalawa, ikakhulukazi uma icala selize lafinyelela kulesi sigaba.
Ube eselimisa ngesihloko elokuthi akakwamukeli ukuchithwa kommeli kulesi sigaba ngoba lokho kuzobambezela icala kungenasidingo.
Yize enze lezo zethulo unshushisi kodwa iJaji uMasipa lithe ngeshwa akukho okungenziwa ngoba angeke likwazi ukuqhubeka nokukhipha isinqumo ebantwini abangesenaye ummeli.
Ngemuva kwalawa mazwi ejaji, kunabesifazane okuvele ukuthi bayizihlobo zabafi ababonakale bekhihla isililo ngaphakathi enkantolo.
Ijaji libabuzile abamangalelwa ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi sekuhlukana inhloko nesixhanti phakathi kwabo nommeli wabo, bonke bavuma.
Enkantolo bekugcwele kakhulu abangani nezihlobo zabamangalelwa. Bekuthi njalo uma inkantolo isaguqile isikhashana babonakale beba nenguyazana yokubhunga kabanzi ngokuqhubeka ecaleni.
“Ake sihlangane wemadoda sithi ngqumungqumu,’’ kusho omunye wesilisa obebonakala kunguyena obedane ekhuluma uma sekuhlanganiswe amakhanda.
Ngesikhathi icala liguqa okokuqala ekuseni, ebebezoseka abamangalelwa baze baxhawula bekhombisa ukubajabulela okukhulu.
Omunye wesilisa uzwakale ekhuluma ebhekise kubona ethi: "Khululekani namhlanje bafana sibuyela nani emakhaya, namhlanje elamanqamu. Niyaphuma namhlanje siphinda nani emuva.“
Ngaphakathi enkantolo beziqinile ezokuphepha njengoba bekugcwele amaphoyisa amaningi abehlome ngezibhamu ezinkulu, eqaphe konke obekwenzeka.
Ijaji libe selihlehlisela leli cala ukuthi libuyele ngoJanuwari 23, okuyilapho abamangalelwa abayobe sebezofaka isicelo sokuthi bathole abameli bamahhala.