KUXOVEKE izinhlelo ngomzuzu wokugcina ngesikhathi kuhoxiswa umcimbi wezitshudeni zaseCoastal TVET College wokuthweswa iziqu obekuhlelwe ukuthi ube ngoLwesine, nosekusabalale ngemiyalezo kaWhatsApp ukuthi usuhoxisiwe.
Lo mcimbi wamakhempasi ayisishiyagalombili eleli kolishi ubuzoba sekhempasini eseMbumbulu.
Esinye sezitshudeni ebezifunda kulesi sikhungo, esicele ukuthi lingadalulwa igama laso ukuze siphephe, sithe sishaqeke kwaphela nasozwaneni sithola lezi zindaba, sizizwa ngabanye abathole imiyalezo, okuthiwa isatshalaliswe ngezinkundla zokuxhumana ngabasebenzi basekolishi.
“Ngathintwa ngocingo ngabekolishi ngo-Agasti 21, bengazisa ukuthi umcimbi wethu wokuthweswa iziqu uzoba kusasa, ngahlela yonke into ngoba yinto okukade ngiyifisa empilweni. Bengilokhu ngilindele ukuthi bangithumelele isimemo nge-email njengokuthembisa kwabo, nakhu manje sengizwa ngalokhu. Ngiphoxeke kakhulu ngoba ngisebenze kanzima ukuze ngifike kulesi sigaba esikusona manje,” kusho isitshudeni.
Siqhuba, sisole abaphathi bekolishi ngokungasingathi lolu daba ngendlela efanele, nangokungena ezintangeni ngesizathu esenze kwahoxiswa umcimbi ngomzuzu wokugcina, sekuhlelwe konke.
“Ngizwe ngesonto eledlule ukuthi umcimbi awusezukuba khona, ngaqale ngangakholwa, ngizitshela ukuthi abantu bayaphosisa. Kuthe ngithinta isikhungo ngibuza, baqale bangitshela ukuthi uhlehliselwe u-Okthoba, nalapho futhi bangacacisa ukuthi yini isizathu salokho. Akuphelanga zinsuku ezingakanani, saziswa ukuthi awusezukuba khona nhlobo kulo nyaka, kuthiwa uhlehliselwe unyaka ozayo. Yeka ukusebenza kwethu kanzima,”’ sisho kanje.
Isolezwe liyibonile eminye yemiyalezo, lapho ingxenye yalezi zitshudeni, ize yenza i-group kaWhatsApp, ishayana ngamakhanda, kubhungwa ukuthi kungani isikhungo sihoxise umcimbi ngemizuzu yokugcina.
Liyibonile futhi imiyalezo ethunyelwe ngokuthiwa ungomunye wabaphathi bakuleli kolishi, azisa izitshudeni ukuthi umcimbi awusezukuba khona, engachazi ukuthi kungani uhoxisiwe.
Esinye isitshudeni, naso sikhale ngokuthi lezi zindaba bezingamukeleka kalula ukuba baziswe ngazo kusenesikhathi, futhi ngendlela efanele, hhayi ukuthunyelelwa imiyalezo ehamba ibhuza ezinkundleni zokuxhumana, bedluliselana yona.
“Okubuhlungu kakhulu wukuthi bese sihlele yonke into, abanye bethu baze bakhokhela nezindawo zokulala eziseThekwini ngoba behlala kude, futhi bengeke bakwazi ukufika emcimbini, bese begoduka ngosuku olulodwa. Ngizwe nokuthi kunesitshudeni esiseDubai, lapho ebesisebenza khona, ebese sikhokhele ngisho amathikithi ebhanoyi ukuza emcimbini,” kusho isitshudeni.
Kuthintwa uMnuz Mthokozisi Ndlovu, osezinhlakeni zobuholi kuleli kolishi, ubuze intatheli ukuthi inombolo yakhe iyithathe kuphi, wacela ukuthi kuthintwe owophiko lwezokuxhumana, athe nguyena ozoba nezimpendulo eziqondile ngalolu daba.
Ethintwa owophiko lwezokuxhumana, uMnuz Thami Ngcobo, ucingo lwakhe belukhala umlibe lungabanjwa, wangawuphendula umyalezo awuthunyelelwe nge-WhatsApp.