UPHUME ujabhile futhi unxapha izolo eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma umndeni wowesifazane waseLusaka, eNanda, okuthiwa waphahlazwa yisoka lakhe ngesitini wafa ngonyaka odlule njengoba liphinde lahlehla icala.
Umufi, uNksz Mbali Mokokone (29) kuvela ukuthi wabulawa ngesihluku yisoka lakhe elingumpheki, uMnuz Zimisele Dlulisa (39) obevele enkantolo.
UDlulisa ubekwe icala lokubulala nelokuhlela ukubulala. Lesi sigameko kuvela ukuthi senzeka emqashweni wabo lapho babehlala khona bobabili.
Ngosuku lwesigameko kuvela ukuthi umufi wayengekho endlini uDlulisa wamyenga ngokuthi akeze bazogubha usuku lwakhe lokuzalwa.
Nebala kuthiwa wafika umufi kanti bazoxabana okwaholela ekutheni uDlulisa amphahlaze ngesitini.
Ngaphambilini enkantolo kwahlaluka ukuthi isidumbu sasinezinkomba zokuthi umufi uqale waklinywa.
UDlulisa kuthiwa kwathi esembulele umufi waqhubeka wadla izibiliboco eduze kwesidumbu kwaba sengathi akonakale lutho.
Izolo umshushisi elingatholakalanga igama lakhe utshele iMantshi uSmanga Mthethwa ukuthi kunobufakazi obusadingeka kuleli cala obungakahlangani.
Ngenxa yaleso sizathu uthe ucela ukuthi icala liphinde lihlehle. Ngesikhathi ligcina leli cala ngoDisemba kwakumele enkantolo kufundwe izitatimende ezenziwa ngabantwana ababili abaneminyaka eyisithupha okuvela ukuthi babekhona endlini ngosuku lwesigameko.
Owomndeni kamufi ocele ukuba ligodlwe igama lakhe uthe sebeqala ukunengeka manje yile nto yokuhlehla njalo kwecala.
"Awungitshele nje okwesingakhi manje leli cala kuthiwa liyahlehla namhlanje. Sesikhathele manje sifuna ukuthi kwenzeke into eyodwa kuleli cala,'' usho kanjena.
Uthe sebeqala nokulilahla ithemba lokuthi bayoke babuthole ubulungiswa ngesiga esenzeka.
"Thina sifuna into eyodwa nje ukuthi uDlulisa alahlwe yicala. Kungagcini lapho futhi agwetshwe abhadle ejele ukuze ajeze ngento embi ayenza emndenini simethemba,'' usho kanjena.
UDlulisa uvele ungaphakathi njengoba inkantolo yasichitha isicelo sakhe sokuba ngaphandle ngebheyili.
Inkantolo yamchitha noma esebeka isizathu sokuthi ufuna ukuba ngaphandle ukuze aqhubeke nokunakekela izingane ngoba unina akasekho.
Encwadini ayenza efungelwe eyayifundwa ummeli wakhe, wathembisa ukuthi uzoyigcina yonke imibandela yakhe yebheyili.
UDlulisa ubebonakala elokhu eqalaza emuva samuntu obheka othile abemlindele ukuba afike enkantolo. Icala lihlehliselwe uFebhuwari 5.