LENZE isicelo sokuthi kubuyiswe isikhulu sakwaVodacom phambi kwenkantolo namuhla, iJaji uRatha Mokgoatlheng izolo ngesikhathi liguqisa ukulalelwa kwecala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
UMokgoatlheng uthe ukubuyiswa kukaNksz Pinky Vythilingam kuzolekelela ekucaciseni kabanzi ngobufakazi bokufonelana okuthiwa kwenzeka izikhawu ezimbili ngo-2014 phakathi kukakelly Khumalo nommangalelwa wesihlanu, uFisokuhle Ntuli.
Indaba yokufonelana kukaKelly noNtuli isalokhu iqhubeke njalo nokuba yinzukazikeyi njengoba ungakaphenduleki umbuzo wokuthi kungani ingaveli emaphepheni kaVythilingam enziwa ngaphansi kukaSection 205, ibe ivela emiqingweni kaColonel Lambertus Steyn.
UNksz Vythilingam ujutshwe yiVodacom ukuba afakaze ngobufakazi bezinombolo zamaselula abathintekayo kanti uSteyn ujutshwe umbutho wamaphoyisa ukuba enze okufanayo.
Phambilini enkantolo ngesikhathi laba ababili bethula ubufakazi, kuvele ukuthi buyashayisana. Ebufakazini bukaNksz Vythilingam, akukho lapho okuvela khona ukuthi uKelly waxhumana noNtuli. KobukaSteyn kuvela ukuthi baxhumana.
Kusuka ngoMsombuluko, abuye ngawo isibili uSteyn, ulokhu emile kwelithi kweyakhe imiqingo kuyavela ukuthi baxhumana laba ababili.
“Into ezosiza lana, fonelani uNksz Vythilingam ukuze eze enkantolo kusasa (esho ngoLwesine) ukuze bezoyichaza ngokuhlanganyela le nzukazikeyi,” kusho uMokgoatlheng, othe uzomfonela ngokwakhe uNksz Vythilingam.
Ngaphambi kwalokho u-Advocate Charles Mnisi omele ummangalelwa wesithathu uMthobisi Mncube ubhuqe uSteyn ngokuba yiphoyisa elikhohlwayo, esholo ephuzwini lokuthi wakhohlwa izikhawu eziningi ukusho ukuthi ukhohliwe ukwengeza umthetho wamahora amabili.
Ubuye wamsola ngokwakha ulwazi olungekho ngokuthi uKelly noNtuli bafonelana. USteyn ugcizelele ngelithi bafonelana.
Ngesikhathi kuqala inkantolo uMokgoatlheng ukhiphe isexwayiso esishubile ethi yize noma kusuke kuliwa nokuthi kutholwe iqiniso ngesigameko kodwa akufanele kungabe kusahlonishwana noma kwehliswe isithunzi somuntu.
Ubesho ngesigameko sangoLwesibili lapho uMnisi noSteyn beshukane khona kwakuncane indawo, uSteyn wagcina ecela indlela, ethi obesekwenzeka akukhona abekubuyiselwe enkantolo.