IDURBAN Chamber of Commerce and Industry ithi iyasamukela isinqumo sokufakwa ngaphansi kwesigaba 139 lapho kulethwe ongoti ukuze balekelele lo masipala ukuthumela izidingo.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uthumele uDkt Mike Sutcliffe noDkt Casius Lubisi ukuba bazotakula iTheku ngaphansi kwesigaba 139 ngoJuni.
Esitatimendeni iDurban Chamber ithe uMasipala weTheku uyaludinga usizo ngoba kuningi osudlule kukho okubalwa iCovid-19, izibhelu zikaJulayi 2021, izikhukhula zango-2022 nezinye izigameko ezenza kungathunyelwa kahle izidingo kubantu abakhele lo masipala.
Iveze ukuthi amanye amabhizinisi aphoqeleke ukuvala ngenxa yokungabibikho kwamanzi, ugesi, izinkinga zokuphepha, ukungathuthwa kukadoti nezinye izingqinamba.
Phezu kwalezi zingqinamba iDurban Chamber, ithe osomabhizinisi bebekhokhiswa intela wumasipala unganakile ukuthi izinto azihambi kahle.
Ibuye yakhala nangokungcola kwamanzi asolwandle obekuhlalahlale abe negciwane le-e-coli ngenxa yokungenwa ngamanzi anendle, lokhu bekuxosha amakhasimende nezivakashi emabhizinisi agudle ulwandle.
“Njengenhlangano emele osomabhizinisi siyasamukela isinqumo sokulethwa kongoti abazosiza iTheku ukuze likwazi ukuthumela izidingo kubantu. Kubalulekile ukuthi uMasipala weTheku usebenze, kukhucululwe ukungcola, kuthuthukiswe ingqalasizinda, kuqine ezokuphepha ukuze kuzoza abatshalizimali, izivakashi nabantu baphephe,” kusho IDurban Chamber.
Ibuye yakhala ngezinkinga zezigebengu eziphazamisa umnotho esho nokuthi kufanele kulungiswe indaba yenkohlakalo kumasipala kususwe imicikilisho yokwenza ibhizinisi.
Ithe izinkinga zaseThekwini zenziwe ngamabomu kodwa ziphazamise kakhulu osomabhizinisi nabantu baseThekwini ngakho kufanele lilungiswe wongoti.