I-MK ithi izobuye ilifake kabusha icala eliphikisa imiphumela yokhetho elihoxise ngoLwesithathu.
Ithe ukuhoxisa kwayo icala akufanele kuthathwe ngokuthi ayinabo ubufakazi bokuthi ukhetho lwangoMeyi lwalungakhululekile.
Le nhlangano ihoxise icala ebilifake eNkantolo yezoKhetho, lapho ibifuna khona ukuthi kuqalwe phansi ukhetho.
I-MK ayiyemukeli imiphumela yokhetho njengoba ithi kunezigidi zamavoti ayo angazange abalwe.
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bakhethe ukuhoxisa icala emva kokuthola ubufakazi obusha bokukhwatshwaniswa kwamavoti.
“Abameli bethu basiluleke ngokuthi kunemidanti okufanele ilandelwe ukuze sikwazi ukwethula lobu bufakazi obusha enkantolo. Abameli baseluleke ngokuthi kufanele sifake isicelo esisha ukuze sizokwazi ukwethula ubufakazi.
“Ngifuna ukukugcizelela ukuthi ukuhoxisa kwethu icala akusho ukuthi asinabo ubufakazi balezi zinsolo esizenzile. Sizofaka isicelo esisha maduze ukuze kuzophenywa izinsolo.”
UNdhlela uthe ubufakazi obusha bufakazela lokhu abebelokhu bekusho kokuthi ukhetho lwalungakhululekile.
“Ochwepheshe esixoxa nabo bayaqhubeka nokuthola ubufakazi obusha bokukhwashwaniswa kwamavoti. Ingakho sikhethe ukufaka isicelo esisha ngoba besingafuni ukuthi ubufakazi obusha buchithwe.”
I-MK ingelinye lamaqembu afika kwezwakala okhethweni lwangoMeyi njengoba yalala isithathu kuzwelonke, yathola izihlalo ezingu-58 ePhalamende.
KwaZulu-Natal iyona i-MK eyahamba phambili ngezihlalo ezingu-37, nokho ayisiphethe isifundazwe njengoba izihlalo zayo zingenele ukuthi ibuse ngokuzimela.
Yize i-MK yahlula wonke amaqembu abengenele ukhetho okokuqala, yaphinde yahlula namaqembu amadala afana ne-IFP ne-EFF, ubuholi be-MK abunelisekile ngale miphumela njengoba bekholelwa ekutheni balunqoba ukhetho.
Emva kokhetho i-MK yafaka isikhalo, ifuna kumiswe ukukhishwa kwemiphumela yokhetho.
UNdhlela uthe namanje kusabadida ukuthi yini eyenza ukuthi inhlangano eyengamele ukhetho, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), iphuthumise ukumenyezelwa kwemiphumela yokhetho.
“Ukukhipha kwabo imiphumela ngokushesha kwaphula amalungelo abantu ababevotile okhethweni.”
Njengengxenye yokukhombisa ukungayemukeli imiphumela yokhetho, amalungu e-MK awazange aye ePhalamende ngesikhathi kufungiswa amanye amalungu ePhalamende.
Nokho agcine eyile ukuyofungiswa ngesonto eledlule.
I-IEC neDA bayasiphikisa isicelo se-MK, bakhala ngokuthi i-MK ayinabo ubufakazi bezinsolo zokuthi kwakhwatshwaniswa amavoti.