I-IFP izoqhakambisa igalelo lomsunguli wenhlangano, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ochungechungeni lwemicimbi yokugubha iminyaka ewu-50 yasungulwa.
Imicimbi izoqala ngenyanga okwasungulwa ngayo i-IFP, uMashi, bese idonsa unyaka wonke.
Lokhu kushiwo uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni izinhlelo zokugubha iminyaka ewu-50 kwasungulwa inhlangano, eThekwini ngoMsombuluko.
UHlabisa uthe kule micimbi bazoqhakambisa okuhle okwenziwe iqembu kanye noButhelezi.
I-IFP yasungulwa ngoMashi 21, ngo-1975, KwaNzimela, eMelmoth.
Imigubho ye-IFP izoqala khona KwaNzimela, ngoMashi 21.
UHlabisa uthe bazokuba nomkhuleko kule ndawo ozolandelwa ukubekwa kwezimbali elibeni lengqalabutho yenhlangano, uBishop Alphaeus Zulu, owabamba iqhaza elikhulu ekusungulweni kwe-IFP.
Umcimbi omkhulu weminyaka ewu-50 uzokuba soLundi, ngoMashi 23, enkundleni yezemidlalo iPrince Mangosuthu Buthelezi Stadium.
“Leli kuyokuba idili likaMkhipheni. Kuyokuba ingqayizivele lapho siyokube khona sibonga abantu baseNingizimu Afrika ngokwethemba i-IFP kanye nombono woMntwana waKwaPhindangene.”
UHlabisa uthe phakathi kukaMashi noMeyi bazokuba nemigubho kuzo zonke izifunda zalapha KwaZulu-Natal, bese kuthi ngoJuni kube nemicimbi yentsha.
“Ngo-Agasti kuzokuba nemicimbi yophiko lwabesifazane lapho khona sizokube sikhumbula iqhaza elabanjwa abantu besifazane ngesikhathi kulwelwa inkululeko.”
Omunye umcimbi omkhulu ozokwenziwa i-IFP uzokuba ngoJulayi 5, eNgwavuma.
UHlabisa uthe kulo mcimbi bayokube bebonga igalelo likaButhelezi owalwela ukuthi le ndawo ingafakwa ngaphansi kwezwe elingumakhelwane, iSwatini.
“Uhulumeni wobandlululo wase udize ngayo iNgwavuma, wayinika izwe iSwatini. UMntwana waKwaPhindangene walwa, kwaba necala elaze laphelela eNkantolo yamaCala aDlulisiwe. Ukube uMntwana waKwaPhindangene akazange alwe ngabe iNgwavuma ingaphansi kweSwatini. Abantu baseNgwavuma ngabe abanabo ubuzwe balapha eNingizimu Afrika.”
Kuzophinde kube nemicimbi ezokwenziwa eGoli, lapho kuzokhunjulwa khona labo abashona ngesikhathi kunodlame lwezepolitiki.
Iqembu lizophinde lihloniphe izinqalabutho zalo.
UHlabisa uphinde wamemezela ukuthi usuku lokuzalwa kukaButhelezi, u-Agasti 27, sebezolugubha minyaka yonke.
Uthe ngo-Agasti 27 abaholi benhlangano bazonikela ngesikhathi sabo emphakathini, belekelela ngalokho abangalekelela ngakho.