I-IFP imise ilungu lePhalamende elisolwa ngokuhlukumeza unkosikazi walo.
UMnuz Sanele Zondo, ongusihlalo we-IFP Youth Brigade, umiswe kuzo zonke izikhundla aziphethe.
Umiswe emva kokuthi unkosikazi wakhe, uNkk Simenyiwe MaDlomo Zondo, emsole ngokumhlukumeza.
UNkk Zondo wenze le zinsolo ngesikhathi ekhuluma bukhoma enkundleni yezokuxhumana i-Instagram.
UNkk Zondo wenze inkulumo emva kokuthi sekuphele izinsuku ezinhlanu kubikwe ukuthi unyamalele.
Ekhuluma ngoLwesithathu, uNkk Zondo usole umyeni wakhe ngokumshaya, nangokungamnaki.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe banqume ukunikeza uZondo ikhefu elikhethekile ngenxa yobucayi bezinsolo ezenziwe uNkk Zondo.
“Lokhu kuzomnika ithuba lokuthi ayolungisa izinkinga zasekhaya.”
UHlengwa uthe bazibonile izinsolo ezenziwe uNkk Zondo, wathi bafuna ukuthi ziphenywe izinhlaka zomthetho.
“I-IFP ihlezi izibophezela ekuthuthukisweni kwabesifazane. Lokhu kubonakala emithethweni nasezithembisweni zokhetho esizenzayo. Sihlezi sizibophezele emkhankasweni wokulwa nokuhlukumeza ngokobulili. Lolu daba siyalusukumela, sithanda ukuqinisekisa umphakathi ukuthi sizobhekana nalo ngokushesha, futhi sizoluphatha ngobunono.”
UHlengwa uthe zonke izindaba ezithinta i-IFP Youth Brigade zizosingathwa ihhovisi likanobhala jikelele walolu phiko, uMnuz Mlungisi Mabaso, kuze kuphele ikhefu elinikezwe uZondo.
“Uma kukhona okusha ngalolu daba sizophinde senze esinye isimemezelo.”
UHlengwa uthe bajabule ngokuthi uNkk Zondo utholakale ephila.
UNkk Zondo wayekade egcine ukubonakala ngesonto eledlule njengoba eqhamuke esevumbuka ezinkundleni zokuxhumana.
Ukhale ngokuthi uZondo wamthembisa ukumakhela umuzi emuva kokushada kodwa wagcina ehlala endlini karawondi kubo ayifanise nehhoko. Ukhale ngokuthi emuva kokubuya kwenkosikazi kaZondo endala, uZondo ubesehlala elala endlini yayo futhi engakudli ukudla amphakela kona. Ubuye waveza nezinsolo zokushaywa nguZondo athe wagijima kuqala waya esiteshini samaphoyisa eyovula icala kodwa bagcina bengawavulanga ngoba kwavunyelwana ngokuthi bayokhuluma njengomndeni.
UZondo uyaziphika izinsolo abekwa zona njengoba ethi uyena ohlukunyezwa unkosikazi.
UZondo uthe ngelinye ilanga umkakhe wake wamshaya waze wopha, waze waveza nesithombe lapho ayephuma khona igazi ngasehlweni.
Uthe wazama ukuyovula icala emaphoyiseni kodwa wagcina engalivulanga emva kokungenela kwemindeni.
UZondo ugcagcelwe ngoMashi kulo nyaka.
UNkk Zondo ukholwa ukuthi umyeni wakhe umhlukumeza ngoba nakhu efuna ukuthatha unkosikazi wesithathu.
Kepha uZondo uthe izinkinga zabo zaqala emva kokuthi eveze ukuthi ufuna ukulanda ingane yakhe ayithola ngaphandle komshado.
Uthe unkosikazi wakhe waqala ukumshintshela emva kwalokho.