Inhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC) iyazihlangula embangweni wobuholi beqembu uMkhonto Wesizwe (MK) kulandela incwadi ebhalelwe yona wuMnuz Jabulani Khumalo ecela ukuthi kuhoxiswe owayengumengameli uJacob Zuma njengomholi.
NgoLwesibili ekuseni Isolezwe libike ukuthi uKhumalo, owabhalisa iMK, ubhalele i-IEC eyicela ukuthi ihoxise uZuma njengobuso beqembu.
Incwadi uyibhale ngemuva kokuxoshwa kwakhe kuleli qembu ekupheleni kwenyanga edlule.
Abe-IEC bakubeke kwacaca esitatimendeni abasikhiphile ukuthi bona babambe elentulo ukuthi uZuma wumholi weqembu okunye abahlangene nakho.
Kwenzeka lokhu nje, ngoLwesihlanu eNkantolo yoMthethosisekelo kuzolalelwa udaba lombango phakathi kwe-IEC noZuma ngokungena kwakhe ohlwini lwabamele iqembu ePhalamende.
I-IEC yathi ngeke akwazi ukungena ngenxa yokuthi wagwetshwa izinyanga ezingu-15 ejele kodwa inkantolo yasiguqula leso sinqumo.